Kuphele nya ngecala leChiefs lokungayi emidlalweni yeligi ngoDisemba

UZola Majavu
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs ivume icala yase ihlawuliswa imali encane ngesenzo sayo sokungayidlali imidlalo emibili ngoDisemba.

Lokhu kuqinisekiswe umshushisi wePremier Soccer League (PSL) uZola Mavaju ngoLwesibili. UMajavu uthe sekuphele nya ngalolu daba.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi iKaizer Chiefs ivelile phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe ngoLwesibili ukuzophendula mayelana nokungayidlali imidlalo emibili ngoDisemba,” kusho uMajavu esitatimendeni.

“Leyo yimidlalo eyayimbandakanya iCape Town City neLamontville Golden Arrows.”

IChiefs iyidlalile le midlalo emibili yashaywa kuyona yomibili yase ihoxisa indaba yokulwa nePSL ngoba vele bese singekho isidingo.

“IChiefs ilivumile icala ngase ngikwamukela lokho, okuholele ekutheni iPSL ithathe isinqumo. IChiefs ihlawuliswe u-R200 000 kanti uhhafu wale mali ulengisiwe kuze kube ayitholakali inecala elifanayo esikhathini esiyizinyanga ezingu-12.

“Lokhu kuchaza ukuthi kumele bakhokhe u-R100 000. Okwesibili okumele bakwenze ukuthi bakhokhe izindleko zokuhlalelwa kwecala okuzohlelwa kahle yiligi bese ihambisa konke kubona. Leli cala seliphelile nya.”

IChiefs izovala imidlalo yeDStv Premiership ngokubhekana neSwallows FC ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.