Kuphelile obekuhlanganise uRonaldo neMan United

 

 

UCristiano Ronaldo uzoyishiya ngokushesha iManchester United ngokuvumelana nayo.

Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe yiqembu ngoLwesithathu ebusuku kulandela ukungaboni ngaso linye nalo mgadli odabuka ePortugal.

“Siyabonga kakhulu kuRonaldo ngakwenzele iqembu kuzona zombili izikhawu azidlalele ngalo. Simfisela okuhle kodwa,” kusho ingxenye yesitatimende.

Ngeledlule uRonaldo ukhulume amazwi ashaqise umhlaba wonke ethi uzizwa enzelwe phansi yiMan United futhi akasenayo inhlonipho kumqeqeshi wayo. Uphinde waveza ukuthi mancane amathuba okuthi abuyele kuleli qembu lase-England.

Ebuzwa ukuthi isikhathi akukhulume ngakho lokhu asisibi yini njengoba iPortugal ibilungiselela iNdebe yoMhlaba, uthe: “Ngikhuluma lokhu engikuthandayo ngesikhathi engisithandayo. Isikhathi sihlale sikahle ngeyami indlela. Abadlali basePortugal bayayazi indlela engiyiyo.”

NgoLwesithathu uRonaldo ukugcizelele ukuthi uyashiya kwiMan United.

“Ngemuva kwezingxoxo neManchester Unites sesivumelene ukuthi siyinqamule inkontileka yethi. Ngiyayithanda iManchester United kanjalo nabalandeli, futhi lokho akusoze kushintshe. Kubukeka sengathi yisikhathi esikahle sokubheka inselelo entsha. Ngifisela iMan United okuhle kodwa,” kusonga uRonaldo.

Intatheli yeMpempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *