Kuphinde kwambhimbela uThabiso Mchunu ehlulwa uMakabu

Kuphinde kwambimbela uThabiso Mchunu ehlulwa uMakabu
UThabiso Mchunu
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ulwe kahle futhi abanye, ikakhulukazi abebesekhempini yakhe uThabiso “The Rock” Mchunu bebebona kunguye owinile.

Nokho isinqumo samajaji sihlukane phakathi kwathi elilodwa lathi nguMchunu onqobile, kodwa amabili ayinika uMakabu le mpi.

Laba bashayisibhakela bebengqimuzana ngamankomane empini yebhande lomhlaba leWBC esisindweni seCruiserweight ePackard Music Hall, e-Ohio e-USA ngeSonto ekuseni ngokwesikhathi sakuleli.

UMakabu uyiqale ngegiya eliphezulu le mpi, ezama ukududulela uMchunu ekhoneni kodwa wanqaba.

Ukhombise ukuthi usekhulile uMchunu futhi ugcine kunguye oselawula impi elokhu emnemba ngezibhakela uMakabu.

Naye uMakabu ubengazibekile phansi njengoba ebezama ukulwa eya phambili futhi bekungacaci ukuthi ngubani kubona ohamba phambili ngamaphuzu kule mpi.

Ekugcineni ijaji uNathan Palmer uyinike uMchunu ngo 115-113 kwase kuthi uJamie Garayua yena wathi nguMakabu owinile ngo 116-112.

FUNDA NALA: UMokwena uthi uzovala esikaKekana uMokoena kwiSundowns

Ijaji lesithathu uSteve Weistfelf naye uyinike le nsizwa yaseDemocratic Republic of Congo ngo 115-113 le mpi kwasho ukuthi iyaligcina leli bhande layo.

Kufanele ukuba ikhempu kaMchunu yona isale nezikhalo ngemuva kwale mpi futhi cishe izosheshe isifake esinye isicelo sempindamshaye.

Bese kungokwesibili vele lezi zinsizwa zikhiphana inkani. Empini yokuqala eyayise-ICC ngo-2016, uMakabu wamqumba phansi uThabiso belwela ilungelo lokulwela sona lesi sicoco.

UMakabu usezosivikela kuCanelo Alvarez lesi sicoco sakhe kanti kuthe uma kumenyezelwa lokhu, wabukeka exwaya.

Email: editor@impempe.com | Facebook: Impempe SA | Twitter: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.