Kuphinde kwaphika igoli iPirates ibambana neRichards Bay

Kuphinde kwaphika igoli iPirates ibambana neRichards Bay
UCollins Makgaka

 

Ukuthi yini esishoda ekutheni i-Orlando Pirates ithole amagoli cishe yinto ezomenza angabuthi quthu umqeqeshi uJose Riveiro – iphinde yahlulwa amathuba ibhekene neRichards Bay.

IPirates iphinde yadlala ibhola elihle, ihlasela futhi iwakha amathuba kodwa igoli dololo ngesikhathi ibhekene neRichards Bay ngoMgqibelo kusihlwa.

EzikaRiveiro zikuzame konke ebezingakuzama kulo mdlalo weDStv Premiership obuse-Orlando Stadium kodwa kwagcina kungalunganga.

Lona bese kungumdllao wesithathu kulandelana iPirates ihluleka wukushaya igoli yize ngokomdlalo namathuba kade izenzela nje.

Nokho neRichards Bay mhlawumbe kumele inconywe ngokukwazi ukuvala kahle emuva noma idlale isiwombe sesibili sonke ingasaphelele.

IPirates izame ukuyizuma zisuka nje iRichards Bay iyicindezela isebenzisa abadlali bayo abanejubane njengoDeon Hotto, Bandile Shandu noMonnapule Saleng.

Nokho njengoba beyihluleka ukutholana ngamabhola amahle phambili, iRichards Bay igcine seyiqala nayo ukuhlangana, yabuya emdlalweni.

YIze beyingacindezeli njalo, kodwa nazo ezikaPitso Dladla bezike zifike emapalini eBucs kubonakale kukhona ezizokwenza.

Nokho kuze kwayiwa ekhefini lingekho ibhola elivinjwe nguSiyabonga Mpontshane obesezintini zePirates njengoba uRichards ofori ebemisiwe ngenxa yamakhadi aphuzu amane.

FUNDA NALA: Abamsolanga uParker abeTS Galaxy yize ebahlinzele ezibini

Ukube beyiyihlanganisa kahle iminyakazo yokuhlasela, iPirates beyizoya ekhefini seyihamba phambili okungenani ngamagoli amabili.

Umsebenzi uqansile kwiRichards Bay ngesikhathi uSiyanda Msani ethola ikhadi elibomvu. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi enyathele kabi ngamabomu u-Olisa Ndah sekubalwa imizuzu kuyiwe ekhefini.

IPirates seyizophinde izame ukuqeda leli shobolo lokuhluleka ukushaya amagoli uma seyibheke naMaZulu FC khona e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu.

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *