Kuphinde kwathalaza isomi kwiChiefs ibambana neGallants

Kuphinde kwathalaza isomi kwiChiefs ibambana neGallants
UMiguel Timm noKhama Billiat
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ayikavumi ukuduma, noma mhlawumbe ayidumi kanje uma izosuka? Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kuphinde kuthalaza isomi kwiKaizer Chiefs ebambane neMarumo Gallants ngeSonto kusihlwa.

IChiefs ayizange ikhombise ukuthi kukhona okungcono engakwenza kule sizini kunalo mbozo ebiwenza ngesizini eldule kulo mdlalo weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium.

Lokhu kuyaxaka nokho ngoba ngasekuqaleni kwesizini beyibukeka iza kahle ngesikhathi ijulukisa iMamelodi Sundowns.

Kodwa kusuka lapho izinto sezimile nje, ungafunga uthi isitimela esinganyulelwe ujantshi sisendleleni.

UKatlego Otladisa ubethi useqedile uyibeke phambili iGallants ngomzuzu ka-14 engqofa ibhola ebeligotshwe kwesokudla. 

Nokho uDaniel Akpeyi unqabile, wathi leli thuba alinikiwe alandele bani ngakho ngeke esalidedela kalula, walivimba ibhola lakhe.

Kodwa okufanele ukuthi kubakhathazile abaqeqeshi beChiefs yindlela ayekwe ngayo wanikwa isikhathi esanele sokuthi alingqofe eyedwa ibhola eseduze nepali labo.

Izinto bezingahlangani kwiChiefs ngesiwombe sokuqala uma kuyiwa phambili. Lokhu kwenzeke yize uStuart Baxter eyeke ukudlalisa izitobha ezinhlanu.

Kulokhu ubeqale ngezitobha ezine njengoba ebesebenzisa uhlaka olubizwa nge 4-5-1 wabe esebeka uLebogang Manyama yedwa phambili.

Lokhu bekuphoqwe wukuthi uSamir Nurkovic ubengekho ngenxa yokulimala okuphoqe ukuba ahlinzwe edolweni ngoLwesithathu.

Usazohlala isikhashana engabonakali lo mgadli ohlezi eyngozi uma ekhona enkundleni kodwa obonakala engekho kahle ezinhlelweni zikaBaxter.

UBaxter usevele uke wakuveza ukuthi yena uzosebenzisa uManyama kule ndawo uma eseluleme ngokugcwele.

Nokho kulo mdlalo akusebenzanga ngendlela cishe abelindele ngayo kwaze kwathi ngesikhathi sekhefu wamphumuza.

Ube esefaka uBernard Parker endaweni yakhe. Yize iChiefs beyisingconywana esiwombeni sesibili, kodwa bukusathalaza isomi uma sekumele ihlasele.

Empeleni nje bekuyiGallants ebukeka iba yingozi uma iya phambili kanti ngomzuzu ka-61 isale ikhala incishwa iphenathi.

Lokhu bekungemuva kokuthi uDaniel Cardoso ebonakale elidlala ngengalo ibhola engaphakathi ebhokisini langakubo.

FUNDA NALA: UJordaan uncome abaxhasi ngokukhula kwebhola labesifazane kuleli

IChiefs ibe seyisala nabadlali abayishumi enkundleni kulandela ukukhishwa kukaSifiso Hlanti ngekhadi elibomvu.

Lokhu bekulandela ukuthola elesibili eliphuzi ngenxa yokudlalisa kabi uLetsie Koapeng obethi ugudla naye ngolayini.

Lithe lisuka kuleyo free kick ibhola, uNdabayithethwa Ndlondlo wathumela elihle ibhola ebhokisini leChiefs.

Lihlangane khona noThabo Mnyamane, walingcofa kodwa wala waphetha u-Akpeyi elichitha ibhola lakhe.

Kuthe iGallants isacabanga ukuthi kambe ingazihlela kanjani kabusha ukuze isebenzise isikhala salo mdlali oshodayo kwiChiefs, uCelimpilo Ngema wazicelela ukusheshe akhululwe naye.

Uvele wakhahlela ibhola washaya ngalo uKhama Billiat obesevele bemwisile kanti nonompempe ubesewumisile umdlalo.

Unompempe usihloniphile isicelo sakhe, wamnika igunya lokusheshe ayophumula waze wamengezela ngemidlalo emibili ezayo emkhipha ngekhadi elibomvu.

KUvele kwacaca ngemuva kwalokhu ukuthi kungaze kuse kube wumSombuluko zishukana ingekho evuma ukugoba uphondo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.