Kuphithene ikhanda kuHunt ngokungawini nokugeja kweChiefs

Sibongiseni Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, uthi akakaze aphathiswe wumsebenzi ngekhanda ngale ndlela okwenzeka ngayo kusukela efikile kuMakhosi.

UHunt oseqeqeshe esigabeni esikhokhelayo iminyaka engu-25, ukusho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe liphinde lalahla amaphuzu libambana ngo 1-1 neBloemfontein Celtic emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo.

Okuyikhona okumphathe kabi kakhulu uHunt ukuthi iqembu lakhe yilona eliwabone kuqala amapali kodwa lagcina ngokucazelana ngamaphuzu neCeltic.

Iqiniso lapha ukuthi iChiefs ibingawunqoba kalula lo mdlalo ukube amathuba ebiwakha iphindelela ibiwasebenzisa ngendlela.

Nakulo mdlalo abagadli beChiefs bakhombise ukuba buthaka phambi kwamapali okungenye yezinto ekhubaze leli qembu kuze kube yimanje.

Lona bekungumdlalo weChiefs wokugcina kulo nyaka.

“Ngiphoxeke ngendlela eyisimanga ngalo mphumela. Esiwombeni sokuqala ngikholwa ukuthi siwatholile amathuba anele ukuthi sigoduke nawo egcwele amaphuzu.

“Kuyinkinga lokhu ngoba nasemdlalweni weSuperSport bekuyinto efanayo. Uma kufanele sinamathisele ibhola enethini thina siyaphaselana. Ngemuva kwegoli akukho obekukhombisa ukuthi lingangena ngakithina.

“Indlela ebesivale ngayo emuva ingishiye ngingeneme ngempela,” kusho uHunt.

Ebuzwa ngobunzima bokuqeqesha iChiefs uHunt, uthe: “Imbalwa impela imidlalo esisayidlalile kodwa izinga lokuxukuzeka ugebhezi liphezulu kakhulu. Okuningi kubukeka kusiphika okwamanje kodwa yizikhathi ezifana nalezi lapho kufanele sisebenzise lokhu esinakho kodwa sikafe umfutho omkhulu. Lo mphumela ufana ncamashi nokuwalahla wonke amaphuzu uma uzobheka amathuba esiwayekile,” kusho yena.

Uyavuma uHunt ukuthi unenkinga eqenjini futhi uyayazi, ngakho okungasiza ukubhukula kwabo bonke abathintekayo ukuthambisa le nkinga (yokungavunyelwa ukusayinisa abadlali).

“Sonke siyazi sibhekene nani. Ngeke sikubalekele esibhekene nakho ngaphandle kokuthi sihlangane silwe ukuze sizosuka kulesi simo esingesihle esibhekene naso manje,” kuphetha uHunt.