Isaqaqamba inhliziyo kuKhama Billiat ngegoda abaligilwa uKambala

Kuqaqamba inhliziyo kuKhama Billiat ngegoda abaligilwa uKambala
UKhama Billiat weKaizer Chiefs

 

Umdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs uKhama Billiat usevule isifuba sakhe ngokulahlekelwa kwabo yisicoco seligi ngosuku lokugcina.

Lo mdlali odabuka eZimbabwe uthi namanje inhliziyo isavele insonsothe uma ecabanga ngaleliya langa. 

Uthi ngendlela abezethemba ngayo, base beze bahlela nokuthi bazosijabulela kanjani isicoco seligi. 

Lokhu kwenzeke ngesizini ka-2019/20 la Amakhosi ayezihole phambili kwilogi isizini iqala kwaze kwaba wusuku lokugcina. 

Ngosuku lwemidlalo yokugcina yeligi, iChiefs kwakudingeka ishaye iBaroka ukuze ikhale yemuke nesicoco, ishiye iMamelodi Sundowns incela isithupha. 

Futhi izinto zabukeka zihamba ngohlelo ngesikhathi yena uKhama Billiat eyibeka phambili iChiefs ngomzuzu ka-39. 

Nokho zabuye zajika ngomuzuz ka-59 ngesikhathi uManuel Kambala ebuyisela iBakgaga kulo mdlalo. 

Umdlalo wagciana uphele ngo 1-1, sahamba kanjalo ke isicoco sibheke eChloorkop neSundowns. 

Ekhuluma nabeVodacom Ringa Nathi muva nje, uBilliat uvume ubuhlungu athi usabuzwa namanje ngokwenzeka ngalelo langa.

“Yinto ebuhlungu kakhulu leyo futhi bengingafuni nokuyicabanga ngoba inhliziyo isaqaqamba ngayo,” kusho uBilliat. 

“Kodwa ke ibhola elikhokhelayo linjalo nje. Kumele ufunde ukwamukela izimo ezinjena. 

“Zenzeka ngisho emaqenjini aphambili emhlabeni. Kwakungenye yezinto esasingadalelwe zona,” kwengeza yena.

FUNDA NALA: UMabizela usola ikhanda eliqinile kuCristiano Ronaldo

 UBilliat uthe yize kwakunzima, kodwa kwadingeka bafunde ukukudlulisa ukuze baqhubeke nempilo kwazise akulahlw ambeleko ngakufelwa. 

“Kwadingeka siqonde ukuthi ngeke silwe noMdali ngokuthi akasinikanga lesi sicoco ngoba cishe unecebo elingcono ngathi futhi siyamethemba. 

“Kodwa khona impela kwakunzima ukukwamukela, ikakhulukazi njengoba sase sihamba phambili nje. 

“Kukhona lo muzwa esasinawo kulo mdlalo owawenza size sizibone ngamehlo engqondo sesijabulela indebe.” 

Sekudlule iminyaka emibili manje kwenzeka lokho kodwa namanje uBilliat akakayiphakamisi indebe kwiChiefs. 

“Sesidinga nje ukugqabula amaketanga, sivale ishobolo ngokuthi sithole indebe eyodwa.” 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *