Kuqaqamba inhliziyo ukubuka iMaritzburg iphenduka ompushana kade yethembisa kanje

Kwakuba njena uma kudlala iMaritzburg United eHarry Gwala

THULISILE MIYA

Njengoba imidlalo yeligi isekhefini ngike ngazinika isikhathi ngabheka kahle ukuthi izinto zimi kanjani kwiDSTV Premiership. Phela akusensuku zatshwala igoqwe isizini njengoba amanye amaqembu asalelwe imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela.

Angisho nje ukuthi ayikho into ephazamise umoya wami njengokubona iqembu langakithi KwaZulu-Natal iMaritzburg United lilengela ezembeni. Azihambi kahle izinto eMgungundlovu futhi iqiniso elimsulwa lelo.

Ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi ngempela izinto zonakala kuphi kuleli qembu. Ngisho ngoba indlela ebeliyiyo leli qembu ikakhulukazi kulamasizini amabili edlule, alikho iqembu ebelifisa ukuvakashela eHarry Gwala ebusuku ngoLwesihlanu.

Phela le nkundla beyisiphenduke isihogo kwamanye amaqembu ngoba iMaritzburg beyibhubhisa kwasani ngenduku. Isishonephi ngempela leMaritzburg eyayidla abantu nhlangothi zonke yaze yayodlala owamanqamu kwiNedbank Cup ngeshwa yangalibona elidlalayo kwiFreestate Stars?

Iphi leMaritzburg eyadlala owamanqamu kwiTelkom Knockout neSundowns? Ubani ongakhohlwa umdlalo owandulela amanqamu owawuseMabhida uJudas eqeda ngeKaizer Chiefs emini ilanga libalele? Konke lokhu iMaritzburg United yakwenza ngesizini eyodwa iholwa nguFadlu Davids yaqeda endaweni yesine sekugoqwa isizini.

Uyazi ngaleso sikhathi yayivutha bhe iMaritzburg wonke umuntu othanda ibhola wayekutshela kahle ukuthi leli qembu linekusasa elihle kakhulu. Yazakhela isithunzi kwamanye amaqembu futhi yazifaka ezinhliziyweni zabantu abathanda ibhola njengami. Awukho nowodwa umdlalo wasekhaya owawungiphutha eMngungundlovu ngoba sasibuka ibhola elisezingeni eliphezulu futhi iqembu liwina okuyinto ebalulekile.

Ngicela ukunidwebela isithombe esincane ukuthi lwalubanjani uLwesihlanu ebusuku eHarry Gwala. Inkundla yayigcwala phama abalandeli baleli qembu bengakhethi imidlalo. Wawungeke ubenze lutho uma sebeshaya ingoma bonke befake imibala yeqembu.

Angisayiphathi ke eyabadlali enkundleni babenza ezibukwayo befuna ukujabulisa abalandeli. Mina ngikhuluma ngeMaritzburg United eyayishaya igoli ngemizuzu yokugcina amathemba engasekho kuzamazame inkundla yonke. Ngangihamba ngiqholosha ekuhambeni mangiyosakaza eminye imidlalo ngaleli qembu langakithi.

Izinto zezishintshile nje ngokuphazima kweso. Uyazi umuntu ongayazi le Maritzburg United uzothi ngiqamba amanga ngoba ayisafani. Kodwa kumele ngikuveze ukuthi ukuhanjelwa abadlali ababewumgogodla waleli qembu ngaleso sikhathi kuyilimazile kakhulu yingakho bezibona besengcupheni yokudliwa izembe.

Ngemuva nje kwaleyo sizini enhle yabafana baseMgungundlovu afika amaqembu amakhulu abathatha abadlali beMaritzburg United. Kwaqala iSupersport United yamthatha umgadli wayo owayebhakuzisa inethi, ngikhuluma ngo-Evans Rusike. Sithe sisamangazwe yilokho lafika iBhakabhaka neSundowns bathatha uLebohang Maboe, Siphesihle Ndlovu kanjalo noFortune Makaringe. Buka nje ukuthi bashisa kanjani emaqenjini abo? Phela labadlali baphekwe eHarry Gwala nabo bayakwazi lokho.

Kuthe kusenjalo yabuya iPirates yathatha umqeqeshi uFadlu Davids owayepheka labadlali. Nangu noSiyanda Xulu ebhekisa amabombo phesheya kwezilwandle. Yabuya iSundowns yazoshayela isipikili sokugcina yathatha uBrian Onyango kanye noRushine De Reuck. Ngelinye ilanga kuzomele siyixoxe le ndaba yokuthi kwenziwa yini la eMzansi kube lula ukuhamba kwabadlali basuke kulamaqembu okuthiwa mancane baye kulawa okuthiwa makhulu ngoba eNgilandi akwenzeki lokho. Buka nje uJamie Vardy ngemuva kokuthi benqobe isicoco seligi ayemfuna ubuthaphuthaphu amaqembu amakhulu yashaya phansi ngonyawo iLeicester City kuze kube namhlanje usagijima kulona leli qembu. Esinye isibonelo nguJack Grealish ozibambe lapha ku-Aston Villa kodwa ke angikho lapho.

Angisayiphathi ke eyepali leMaritzburg United lingishayisa ngamahloni. Wahamba uRichard Ofori lasala livulekile ipali leMaritzburg United amagoli angena umdlalo nomdlalo. Bayapheka bayathulula nje epalini angazi ukuthi ubani unozinti weqembu ngempela ngoba ngelinye ilanga ubona uBongani Mpandle, ngelinye ilanga kuqhamuke umfana omncane onekhono elihle kakhulu uJethren Barr, uthe esuka uMiddendorp wahamba waya kwelakubo wabuya nomunye unozinti engingakaboni ukuthi ungcono ngani konozinti esinabo eMzansi ngoba amagoli ayangena nakuyena umehluko awukho.

Kungiphatha kabi ukubona laseMgungundlovu likulesi simo. Akubafanele ukuvika izembe nabo bayakwazi lokho. Kuzofanele basuke ngokushesha kuleyandawo singaze simelwe izinhliziyo thina esingabathandi bebhola KwaZulu-Natal. Isikhathi sisekhona futhi izinto zisengalunga.

UThulisile Miya ungumsakazi owethula imidlalo bukhoma oKhozini FM kanti imibono ayibeka kule ngosi ngeyakhe ayihlangene nabaqashi bakhe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.