Kuqaqamba izinhliziyo kwabePirates okucacile ukuthi isazophoxa

Kuqaqamba izinhliziyo kwabePirates okucacile ukuthi isazophoxa
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Bazolala kuqaqamba izinhliziyo abalandeli be-Orlando Pirates ngoMgqibelo. Lokhu akukhona nje ngenxa yokuthi iqembu labo liwashiswe ijezi kwiMTN8 ebekuyindebe ebeliyivikela.

Kodwa kungenxa yombozo odlalwe yileli qembu olahlisa ithemba ngokuthi kukhona okungcono elingakwenza okungcono kunangesizini edlule.

Umdlalo wePirates bewungahlangani nhlobo futhi ubungafunga ukuthi abadlali bayo bayipiki ehlanganiswe ngemizuzu yokugcina.

Bekungekho okukhombisa ukuthi sebenesikhathi bendawonye njengoba bebehluleka wukuhlanganisa iminyakazo ephusile yokuhlasela.

Noma behlaselwa bebevele bazihlakazekele nje bese iSwallows izithola kalula izikhala zokudlula isondele epalini likaRichard Ofori.

Kodwa ke mhlawumbe kumele kunconywe iSwallows ekhombisile ukuthi isipiliyoni esikubadlali bayo abafana noMusa Nyatama, Thabo Matlaba, Vuyo Mere noLebogang Mokoena siyadingeka emidlalweni efana nalona.

ISwallows iwuqale ikhombisa ukuzethemba lo mdlalo njengoba bekuyiyo ephethe umdlalo e-Orlando Stadium. Yingakho kungathusanga ukuthi ihambe phambili ngomzuzu ka-16.

Ithole i-free kick ebingaphandle kwebhokisi lePirates kodwa uRuzaigh Gamildien wayishaya ngobuchule yamudla uRihard Ofori.

Kuthe isathuswe yilokho iPirates, wakuphinda lokho uGamildien eshaya elinye elihle igoli. Kulokhu u-Ofori uphume kahle eyovimba ibhola ebeliyingozi.

Kodwa kuthe eselivimbile walibala ukucabanga kaningi, kwafika uDillon Solomons waphuca ibhola qede walibeka phambi kukaGamildien, wabhakuzisa inethi.

Izamile iPirates ukubuya ngemuva kwalokho, kanti ilitholile elilodwa ngomzuzu ka-27. Ibekelwe iphenathi kulandela ukuthi uVirgil Vries edlalise kabi uDeon Hotto.

FUNDA NALA: USiphiwe Tshabalala uzicelele yena ukushiya kuMaZulu abezitshwa kuwo

Kusukume uKabelo Dlamini wayithatha wayibeka enethini kwaba ngu 2-1. Iqhubekile izama ifuna elokulinganisa kodwa ibingakwazi ukwakha amathuba asile.

Empeleni nje bekubukeka kuyiSwallows engase iphinde isahye elinye igoli kodwa uGamildien wawamosha amanye amathuba kade ethola ama-free kick ezindaweni ezinhle.

Esiwombeni sesibili iPirates beyisidlala kangconywana kodwa iphelelwe amaqhinga uma seyisondela emapalini kaVries.

Empeleni nje uVries akazange enze lutho isiwombe sonke njengoba engekho amabhola abethunyelwa yiPirates kuye.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.