Kuqashwe uDa Gama kwaxoshwa uDlangalala kwiTS Galaxy

Mthokozisi Mncuseni

UVUMBUKE kwiTS Galaxy u-Owen Da Gama ogcine ukubonakala kwiHighlands Parks ngaphambi kokuthi idayiswe.

Impempe.com ithole lokhu ngoMsombuluko kuhambisana nesitatimende seGalaxy iqinisekisa ukuthi u-ODG usayine inkontileka yeminyaka emithathu.

Kulesi sitatimende kuvele nokuthi uZipho Dlangalala obabambe okwesikhashana, ligqabukile ifindo phakathi kwakhe naleli qembu likaTim Sukazi.

Kusukela uDlangalala ethathe kuDan Malesela ngoDisemba uphumelele ukuthola iphuzu elilodwa kwayisithupha. Izinto azibanga ngcono leli qembu libhaxabulwa yiSuperSport United ngo 3-0 ophoxayo kwiDStv Premiership ngempelasonto.

“Kuyintokozo kithina ukumemezela uqweqwe lomqeqeshi ofana no-ODG njengenhloko yeTS Galaxy,” usho kanje uSukazi.

“Kuyakhuthaza futhi nokuqaphela ukuthi iningi labadlali bethu usebenzile nalo besekwiHighlands Park.

“Sihlale phansi sakucubungulisisa kahle ukuthi uyena muphi umqeqeshi ozofike aqinise wonke amabhawodi axegayo,kwazise nesizini isihambile futhi ngeke sibe naso isikhathi sokujwayeza umqeqeshi omusha.

“UDa Gama uyena esibone eyisisombululo kwazise ulazi lonke ibhola lakuleli njengoba nomlando umfakazela,” kusonga lesi sikhulu.

Njengamanje iRockets isendaweni ka-13 kwi-log yePremiership kwazise isaphumelele ukuqoqa amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni engu-10.

Uqale ngoMsombuluko ukusebenza uDa Gama kanti uqala ngeChippa United ngoMgqibelo eMbombela Stadium, ngo-3.30pm.