Kuqhathwe izingqwele zodwa emjahweni wokubungaza iComrades Marathon

ULudwick Mamabolo NoCharme Bosman
UDABA:  ALFRED NGUBANE
ISITHOMBE: TWITTER

Kuzoboshelwa abagijimi asebeke bawina iComrades Marathon emjahweni ohlelelwe ukubungaza ikhulunyaka lalo mjaho. IComrades Marathon yagijinywa okokuqala ngo-1921 kanti kulo nyaka ihlanganisa ikhulu.

Abengamele lo mjaho odume umhlaba wonke sebehlele umjaho ozogijnywa yizingqwele kuphela kwazise wona sekuwunyaka wesibili lona ungagijinywa ngenxa yeCovid-19.

Lo mjaho wokuhlonipha, obizwa ngeComrades Marathon Tribute Run, uzoba ngoMsombuluko kaMeyi 24. IComrades Marathon Association isimemezele ukuthi bonke abasubathi abake bawina lo mjaho yibo abazogijima lona ozoba yibanga elifishane.

Umqondisi womjaho ngaphansi kweCMA, uRowyn James utshele Impempe ukuthi lo mjaho uzoqala ehholo laseMgungundlovu, uhambe ngomzila, iChief Albert Luthuli Street, bese ugudla ku-Alan Paton Road ujike ngekhona likaConnaught Road. Uzophelela khona ehholo.

Kubasubathi abalindeleke kulo mjaho kukhona izinsephe oBruce Fordyce, Vladimir Kotov, Jetman Msuthu, Nick Bester, Caroline Wostman noHelen Lucre ukukha nje phezulu. UBongumusa Mthembu noGerda Steyn bona ngeke bagijime ngenxa yokuthi banomjaho omkhulu ngoMeyi 28 eGqeberha.

Abesilisa: Alan Rob (1976,1978, 1980); Bruce Fordyce (1981, 1988, 1990); Nick Bester (1991); Jetman Msuthu (1992); Shaun Meiklejohn (1995); Vladimir Kotov (2000, 2002, 2004); Andrew Kelehe (2001); Fusi Nhlapho (2003); Sipho Ngomane (2005); Ludwick Mamabolo (2012); Claude Moshiywa (2013); Gift Kelehe (2015); David Gatebe (2016);  Edward Mothibi (2019).

Abesifazane: Jan Mallen (1979); Helen Lucre (1985, 1987); Francis Van Blerk (1992); Tilda Tearle (1993); Rae Bisschoff (1998); Caroline Wostman (2015); Charne Bosman (2016).
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.