Kuqhilika izihlathi kuWilliams ngokudlala owokuqala kwiSundowns

URonwen Williams
Sihle Ndlovu

Unozinti omusha weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, uthi ujabule kakhulu ngomdlalo wakhe wokuqala egqoke ijezi laBafana Ba-Style.

UWilliams udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiSundowns ngesikhathi ishaya iCape Town City FC ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu.

“Kube kuhle kakhulu, kuhlale kubalulekile ukwenza emdlalweni wokuqala wesizini,” kusho uWilliams.

“Ukuqala ngokungangenelwa yigoli bekuyinto ebihloswe yiqembu, ngakho ngiyajabula ukuthi kwenzekile lokho. Bekumnandi abalandeli bejabule, nomuzwa enkundleni, neqembu lidlale kahle. Ngingasho ngokungangabazi ukuthi ngiyinxenye yomndeni manje.”

Indlela akhuluma ngayo uWilliams kuyacaca uzizwa ezolidla ijezi abe ngunozinti ohamba phambili kwiSundowns.

U-Aubrey Modiba ungomunye wabashaye amagoli kulo mdlalo kanti naye uphawulile ngendlela abadlale ngayo.

“Siqale kahle kakhulu sabaphusha sakha amathuba. Ngesiwombe sesibili sithole ifree kick engicabanga ukuthi iyona esivulele konke,” kusho uModiba.

“Ngokuphazima kweso sithole igoli lesibili obekubalulekile kakhulu kithina ngoba besifuna ukuqala kahle. Bekubalulekile kakhulu ukuthi siwine namuhla.”

ISundowns kuzomele iqhubeke nomgqigqo wayo omuhle uma isibhekene neTS Galaxy emdlalweni wePremiership eLoftus Stadiun, ePitoli, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.