Kuqhilika izihlathi kwabeBulls njengoba seyibuyisa isithunzi sayo

Kuqhilika izihlathi kwabeBulls njengoba seyibuyisa isithunzi sayo
U-Edgar Rathbone weBlue Bulls
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Isikhulu esiphezulu eqenjini lamaBlue Bulls, uEdgar Rathbone uthi ukusebenza kanzima kwabaphathi sekuqalile ukuthela.

Uthi sekuntwela ezansi njengoba umqeqeshi ohlonishwayo emhlabeni jikelele ebholeni lombhoxo, uJake White ekhombisa ukuthi abenzanga iphutha ngokumqoka.

UWhite wake wanqoba iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo neqembu lesizwe lakuleli.

“Inhloso yethu enkulu bekungukubuyisa isithunzi nodumo lwaleli qembu lasePitoli njengoba bese liphenduke inhlekisa kwamanye amaqembu.

“Bebesihleka ngokuthi sibophele nqwaba yabadlali abasezingeni kodwa imphumela beyingabonwa kule minyaka engaphezulu kweyishumi edlule.

“Izinto bezingasihambeli kahle,” kusho uRathbone. AmaBulla ahleleke kaningi ngisho nokuzitholela indawo kwiSuper Rugby neCurrie Cup.

Kodwa manje izinto zijikile njengoba sezihamba kahle izinto nokubonakala kwemphumela emihle ngaphansi kobuholi buka White.

IBulls yiyo ezomela elakuleli emidlalweni yamanqam yeRainbow Cup njengoba kuyiyo eyinqobile kuleli.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.