Kuqhume inqindi emdlalweni weSuperSport neChippa

Sihle Ndlovu

Ikhombise izimpawu zokuthi kukhona eza nakho iChippa United ebambane neSuperSport United ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngeSonto.

Leli qembu elicijwa uDaine Klate lisinde ngokulambisa ezembeni ngesizini edlule nokuholele ekutheni lisayinise abadlali abangu-16 bonke. Ngakolunye uhlangothi liqashe uKlate okubukeka sengathi uzokwazi ukulibumba kabusha.

UKlate ubebhekene noGavin Hunt, ocija iSuperSport, ofana nobaba kuyena uma kubhekwa lapho besuka khona. Nokho indodana ikhombise ukuthi ayimesabi ubaba kulo mdlalo njengoba iChilli Boys ibidlala ngokukhululeka.

IChippa iyona esheshe yayibona ukuthi inethi ingakuphi uRonald Pfumbidzai eshaya igoli ngekhanda ngomzuzu ka-17. ISuperSport ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili yathola igoli ngomzuzu ka-63 nelize noBradley Grobler.

Womabili la maqembu abukeke engakahlangani ngokugcwele ngoba anabadlali abasha kanti nabaqeqeshi bawo bebeqala ukuhlala emabhentshini.

URicardo Goss, obeqala ukuvimbela iSuperSport, uphume ngekhadi elibomvu kulo mdlalo ngemuva kokuxhimfa uPfumbidzai ebusweni. UGoss ubesusa ibhola uPfumbidzai walikhahlela lisesemoyena engakalikhahleli uGoss (nokuyinto engavunyelwe). Akabuzanga lo nozinti wafaka ingqindi wakhishwa ngelibomvu.

ISuperSport izovakashela AmaZulu FC eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesithathu ngo-5 ntambama. Ngakolunye uhlangothi iChippa izokwamukela iRoyal AM eNelson Mandela Bay Stadium, ngalo oLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.