Kuqhuzuke abhekiwe ekudleni isicoco kwiGladAfrica

Umphathi weJomo Cosmos, u-Ephraim Sono

MTHOKOZISI MNCUSENI

Ilokhu ibakhumbuze njalo abathandi bebhola baseNingizimu Afrika imiphumela yeGladAfrica Championship ukuthi kusazoshuba ngaphambi kokuthi kuhlaluke iqembu okuyilona elizobe lidlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Nangesizini edlule, iSwallows FC ize yacacisa ngosuku lokugcina ukuthi iyona hhayi i-Ajax Cape Town ezokhushulelwa lapho kunoju khona.

Yize kubonakele lokhu ngesizini edlule kodwa kule (sizini) izinto zihluke kakhulu njengoba neJomo Cosmos esendaweni yesishiyagalombili kwilogi isenalo ithuba lokudla ubhedu.

Ezika-Ephraim Sono ezihlale njalo ziqhamuka sakunyonyoba ngasekugcineni zizibeke endaweni enhle kakhulu kulo mbango ngokunqoba ngo 1-0 kwiSekhukhune United okungelinye lamaqembu athwelwe ngeqoma ukuhamba nesicoco.

ICosmos isele ngamaphuzu amahlanu kwiRichards Bay eqhwakele inqobe ngo 1-0 kwiSekhukhune eMakhulong Stadium, eTembisa la beyiyizivakashi khona.

Nokuthi kuyakhulunywa, iSekhukhune iphume emdlalweni ingasaphelele ngemuva kokukhishwa ngekhadi elibomvu kukakaputeni wayo uYusuf Maart.

Ngaphandle kwalokhu bezibambene ngayo yonke indlela kulo mdlalo.
Kungena eleBay nje, nayo iqhuzukile ishaywa abakhaya bayo Uthongathi FC ngo 2-1 kuyo le mpelasonto.

Ukuqhuzuka kweBay neSekhukhune kukhuphule i-TS Sporting neFree State Stars abanqobe ngo 3-0 kwi-University of Pretoria neJDR Stars ngokwahlukana.

Amagoli amabili kaMohau Mokate yiwona aweze iSporting kanti ezika-Allan Freese, iFree State nazo zilokhu zinombele njalo.

IRoyal Am eke yabalwa namaqembu akhombisa izimpawu zokulambela isicoco ibambane neCape Umoya ngamagoli oRoscoe Petersen okube iphenathi nelikaMfundo Thikazi.

Kugcine kulungile kwiBizana Pondo Chiefs enqobe ekugcineni ngo 2-1 kwiCape Town Spurs ababhekene nayo nobishi lokulengela ezembeni.

Omunye umdlalo obukhona kule mpelasonto phakathi kwePolokwane City neCape Town All Stars uphele ngokuthi bacazelane amaphuzu kungu 1-1.

Isiyonke imiphumela yeGladAfrica Championship ihambe kanje:
Cape Umoya 1-1 Royal AM
Uthongathi FC 2-1 Richards Bay
Cape Town Spurs 1-2 Bizana Pondo Chiefs
Free State Stars 3-0 JDR Strs
TS Sporting 3-0 University of Pretoria
Polokwane City 1-1 Cape Town All Stars
Sekhukhune United 0-1 Jomo Cosmos

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *