Kuqubule ukudideka ukuhlehliswa kweleChiefs – nakhu ongase kwenzeke

Kuqubule ukudideka ukuhlehliswa kweleChiefs - nakhu ongase kwenzeke
OkaDonga Gumbi

Isigungu sikaMahluleli ngaphansi kweSafa ecaleni leKaizer Chiefs lokuhluleka ukuya emidlalweni yayo yeDStv Premiership ngoDisemba siluhlehlisile lolu daba – lokhu kuqubule ukudideka.

Ukuhlehliswa kwalo kubonakala kuqubule ukudideka njengoba abanye besola ukuthi ukubambezeleka kwalo kungase kuyithikameze iChiefs.

Ngokuthola kweMpempe lolu daba luhlehliselwe uMashi 25. Kuqubuke ukudideka nje kungenxa yokuthi nesigungu esiqondisa izigwegwe sePSL esiholwa ngumshushisi uZola Majavu saluhlehlisa ngenyanga edlule.

UMajavu wathi uluhlehlisa ukuthi kuphethwe isigungu sikaMehluleli bese nabo bebona ukuthi ukusuka lapho bazolusebenza ngayiphi indlela.

Nokho osekuvela manje ngemithombo yeMpempe wukuthi okudidanise izinto ukuphuthuma kweChiefs iye kuMehluleli ingakasitholi isinqumo kwiPSL.

“Ngokujwayelekile udaba luqala ngokuqondiswa izigwegwe bese uyaludlisa ke uma ungenelisekile. Manje iChiefs iyoyokhala ngani ngoba isabiziwe esigungwini, ayikabekwa necala.

“Isigungu sePSL sisayitshele ukuthi kunezinsolo okumele ibhekane nazo okuyothi mhla sihlala bese ichazelwa ke ukuthi yiziphi lezi zinsolo ibekwe necala ngokusemthethweni.

“UMehluleli ayikho into abezoyenza ngalokhu ngoba akukho laSL isiyilahle khona ngecala iChiefs, uma ethi iPSL ibhedile, ibhede ngokwenzani?

FUNDA NALA: UZungu woSuthu useyahoxa kwesepolitiki, uzogxila ebholeni

“Lento kuzomele iPSL iyisheshise bese uma iChiefs ingeneliseki ngesinqumo, iye kuMehlauleli ke,” kusho umthombo othe ucela singawudaluli.

Isigungu sePSL sizoluhlalela ngoFebhuwari 25 lolu daba la kulindeleke ukuthi livele liqulwe ukuze kusheshe ukusebenzeka kwalo.

IChiefs ayiyanga emidlalweni yayo emibili ngoDIsemba la kwakumele idlale khona neCape Town City neGolden Arrows.

Yabeka izizathu zokuthi ixinwe yiCovid-19 eyayibhubhisile eNaturena njengoba babengaphezu kuka-32 ababehaqekile ngokusho kwayo.

Nokho imithetho yePSL eyasayinwa yiwo wonke amaqembu okubalwa nayo iChiefs ithi alikho iqembu eliyovinjwa yiCovid-19 ukungayi emdlalweni wePSL.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.