Kusale kancane baxhimfizane ngesibhakela oLukaku no-Ibrahimovich

OkaDonga Gumbi

Kushode ozogadla kuqala, bese uvele uphenduka umcimbi wamankomane umdlalo weCoppa Italia obuphakathi kwe-Inter Milan ne-AC Milan ngoLwesibili ebusuku.

Lokhu kulandela ingxabano embi equbuke phakathi kwabadlali abake badlala ndawonye kwiManchester United oRomelu Lukaku noZlatan Ibrahimovich.

Le nkombankombane phakathi kwalezi zihlabani isuke ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala kanti bobabili bagcine bexwayiswa ngunompempe obanike amakhadi aphuzi. U-Ibrahimovich uphinde wathola elinye eliphuzi ngesiwombe sesibili kwamele aphume ayopholisa ikhanda ngaphandle.

Ingxabano iqale ngesikhathi uLukaku ekhombisa ukucikeka ngemuva kokudlaliswa kabi yisitobha seRossoneri, u-Alessio Romagnoli.

U-Ibrahimovich ube esengenelela wabhekana ngqo emehlweni noLukaku obewotha ubomvu, bagcina sebethethisana bobabili. Bebezwakala kwithelevishini bethukana kanti kuze kwasiza ozakwabo kaLukaku bambamba bamqhelisa esezama ukungqimuza leli qhalaqhala laseSweden.

Ngokombiko we-website yase-Italy, iFootball Italia, uLukaku uthukwe kanzima ngu-Ibrahimovic. Kuthiwa uqale ngokumhleka, uLukaku wamtshela ukuthi akayeke le nto ayenzayo, u-Ibra wabe esethi akeze bezwane amandla phela, kwabe isisukile.

ULukaku kuthiwa uziphendulele ngokuthuka u-Ibra wafaka nomfazi wakhe khona lapho, okuyinto ebe seyimcasula kakhulu lo mdlali osezakhele udumo ngokuzigqaja kwakhe.

Umdlalo wona ugcine uphele ngo 2-1 kuwina i-Inter kulandela ukuthi uLukaku eshaye elokulinganisa ngephenathi kwase kuthi uChristian Eriksen washaya elihle igoli kade kuyi-free kick sekusele amanenjana umdlalo uphele.

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.