Kusaminciwe kwi-Arrows ngokungena kwiTop 8 yize ishaye AmaZulu

AmaZulu aphume enxapha wodwa i-Arrows seyivulele induku
UNtsikelelo Nxadi weGolden Arrows noBoy De Jongh waMaZulu FC
Sihle Ndlovu

AmaZulu FC azoba neRoyal AM kuphela emaqenjini aKwaZulu-Natal azodlala kwiMTN8 ngesizini ezayo.

Usuthu lushaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdlalweni womkhaya weDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili ntambama.

Nokho lokhu akulukhiphanga Usuthu kwiTop 8 yize kukhona amaqembu asasalelwe yimidlalo yeligi.

Usuthu lusendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-41 emidlalweni engu-30. Lokhu kuchaza ukuthi nakanjani luzodlala kwiMTN 8 ekuqaleni kwesizini entsha.

Ngasohlangothini lwe-Arrows ukuba yingxenye yeTop 8 kuncike kumphumela we-Orlando Pirates neSuperSport United ngoMeyi 30.

Abafana Bes’thende banamaphuzu angu-40 emdlalweni engu-30 kanti basendaweni yesishiyagalombili.

FUNDA NALA: UNcikazi ufuna iPirates ilibale osekwedlule ilwele ukubuyela kweyeCaf

ISuperSport inamaphuzu angu-37 endaweni yesishiyagalolunye. Uma iwina umdlalo ezowudlala neBucs izoyigudluza I-Arrows ngenxa yomehluko wamagoli.

Emdlalweni wangoLwesibili, inkundla ivulwe uSiphesihle Maduna olibeke phakathi ngomzuzu ka-40.

Nokho ngemuva kwalokho Usuthu luvele lwahuqa ubuthongo lwavumela Abafana Bes’thende ukuthi bashaye igoli ngomzuzu ka-41. Leli goli lishaywe uVelemseni Ndwandwe.

Okuphawulekayo ukuthi uMaduna noNdwandwe yibona abashaye amagoli kulo mdlalo ngoMgqibelo njengoba umiswe yimvula ngomzuzu ka-75.

Igoli ewine ngalo i-Arrows kube yiphenathi ebekwe phakathi uNduduzo Sibiya ngomzuzu ka-83.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.