Kusazonuka uhlofu embangweni weGladAfrica Championship

U-Andile Mpisana nonina uShauwn Mkhize

OKADONGA GUMBI

Sekuvele ukuthi izikhulu zeRoyal AM zicuthise izindlebe ukuzwa ukuthi uzophuma nasiphi isinqumo umhlangano wesigungu esiphezulu sePremier Soccer League (PSL) ngodaba lokuketulwa kwayo kwiGladAfrica Championship.

Leli qembu ebeliqhwakele futhi selishoda ngephuzu elilodwa ukuze liwine lesi sigaba bese linyuselwa kwiDStv Premiership, lizithole selisendaweni yesibili ngoLwesithathu. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi ikomidi lokuqondiswa kwezigwegwe kwiPSL ligidlabeze iSekhukhune United amaphuzu amathathu. Nalu udaba olugcwele:

Kuthiwa uma isigungu sePSL singaphumi nesixazululo, iRoyal AM izobe seyibheka ukuthi yiziphi izinyathelo engazithatha ngalolu daba. Kuthuse abaningi ukuthi ikomidi lokuqondiswa kwezigwegwe liphuce elinye iqembu amaphuzu bese liwahlomulisa elinye.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwaba nesimo esifanayo ngesizini ka-2018/19 la i-Ajax Cape Town yaphucwa khona amaphuzu ayisishiyagalolunye. Lokhu kwakungenxa yokuthi yatholwa inecala lokudlalisa uTendai Ndoro owayengafanele ukudlala.

Yize yaphucwa amaphuzu, okwaholela ekutheni idliwe yizembe, kodwa alikho iqembu elafakelwa wona. Elinye lamaqembu okwakumele ahlomule yi-Orlando Pirates okwakuzoyithatha kuyibeke eqhulwini bese idla isicoco seligi.

NeRichards Bay ayizange yengezelwe amaphuzu kulandela ukuba iJDR Stars yaphucwa iphuzu kulandela ukutholakala inecala. Yayikade idlale ngokulingana neBay.

IPSL ikhiphe isitatimende yathi isigungu sayo sizoluhlalela phansi lolu daba ngoLwesine. Kulindeleke ukuthi usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza adalule ukuthi kuzokwenzakalani ngemuva kwalokho.

Le nhlangano ngeke ikwazi ukusijika lesi sinqumo kodwa ingafaka inselelo ngaso. Impempe ithole ukuthi iRoyal AM ingase ilungenelele yona lolu daba uma ingahambisani nesinqumo esizophuma nesigungu sePSL.

Imizamo yokuthola umphathi weqembu, uShauwn Mkhize noma imenenja, uSinky Mnisi ayiphumelelanga njengoba bebengaziphenduli izingcingo zabo. Kuvele nokuthi maningi amanye amacala asazovumbuka kulesi sigaba njengoba sekuphela isizini nje.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.