Kusazoqhuma izembe kubadlali abangadingeki kwiSundowns

Kusazoqhuma izembe kubadlali abangadingeki kwiSundowns
Sbongs Gumbi

Sekuvele ukuthi kusazoqhuma izembe kwiMamelodi Sundowns njengoba kusekhona abanye abadlali abasazokhonjwa indlela.

Lezi zindaba zokuthi kukhona abadlali abazolandela oGeorge Maluleka noSibusiso Vilakazi kuleli qembu elingompetha beDStv Premiership zivezwe ngumqeqeahi uRulani Mokwena.

UMokwena uthi bane noma bahlanu abadlali abazobachitha ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo ukuze bavule izindawo zabasha.

Uke wakuveza ke uMokwena phambilini ukuthi basadinga ababili noma abathathu abadlali ukuqinisa la bebona bexega khona.

Kuyaxaka ke nokho lokhu ngoba iSundowns ivele iyasatshwa kuleli ngokuthi ibophele izibabuli zabadlali kanti isanda kwelula nenkontileka kaPeter Shalulile.

“Kuzoba khona abadlali abambalwa abazohamba eqenjini kodwa lokho sizokumemezela ngesikhathi esifanele,” kusho uMokwena kwabeSABC Sport.

“Bakhona bona abambalwa bazohamba – bazoba bane, mhlawumbe babe bahlanu abazohamba,” kwengeza yena.

Lo mqeqeshi uphinde waveza ukulobizdela kwabo unozinti weSuperSport United uRonwen Williams.

FUNDA NALA: Kuvuke isilwane kwiZambia, ifuna kuphindwe umdlalo weBanyana

Naye lo nozinti useke wakuveza ukuthi engajabula ukuyidlala kwiSundowns ukuze ezwe ukuthi kunjani ukudlala kwiCaf Champions League.

Nokho kuke kwavela ngeviki elidlule ukuthi sekukhona okungase kuphazamise lokho  njengoba lamaqembu engavumelani.

Kuthiwa iSuperSport ifuna ukunikwa uRicardo Goss ngokugcwele ukuze nayo idedele uWilliams, kodwa iSundowns ifuna ukubaboleka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.