Kusazoshunqa uthuli emidlalweni yokugcina yeCarling Currie Cup

Mthokozisi Mncuseni

WUKHOKHOVU lwenyanga kuphela olungaqagula amaqembu amane azobanga indawo kweyandulela eyamanqamu yeCarling Currie Cup.

Lokhu kudalwe imiphumela yemidlalo ebigijinywa ngesikhathi abanye bebhiyozela uKhisimusi.

Ayisikhombisa amaqembu asethubeni lokuba yingxenye yemidlalo eyandulela eyamanqamu yeCurrie Cup ezodlalwa ngoJanuwari 16.

IVodacom Bulls eqhwakele ngamaphuzu amane, iyona yodwa ebukeka isingasuswa umlingo esicongwnei kodwa uma imiphumela iyiphikisa kuthi nabanye bavunyelwe eyabo, imbedumehlwana isengenzeka.

Okunye okwenza iBulls ibukeke isebuhleni ukuthi la maqembu ebanga nawo kusamele abhuquzisane wodwa.

Iqiniso lapha lithi mane amaqembu abanga izindawo ezintathu kweyandulela eyamanqamu yalo mqhudelwano odlalwa ngendlela engajwayelekile ngenxa ye-Covid-19.

Ngemuva kokunqoba kweDHL Western Province kwiTafel Lager Griquas eNewlands, nokunqoba kweToyota Cheetahs kwiCell C Sharks, mahlanu kuphela amaphuzu ahlukanise la maqembu alandela iBulls.

Ozokwenza konke okulindeleke kuyena kule midlalo esele, uzoklomela ukudlalela owandulela owamanqamu ekhaya.

IWestern Province isisendaweni yesibili ilandelwe yiXerox Lions eyishiya ngamaphuzu amabili. ILions ingcono kwiSharks ngephuzu elilodwa.

ICheetahs ebingabonwa nangokhalo, izithola isele ngamaphuzu amabili eqenjini elilele isine.

Sekungaba ukuqagela kuphela okungacacisa ngamaqembu amane azosala lapha kodwa konke kukhomba imidlalo yokusonga isizini edle ngokushuba.

Imidlalo yeCurrie Cup:

NgoMgqibelo: Phakisa Pumas v Xerox Lions (Mbombela Stadium, 2pm); Cell C Sharks v Tafel Lager Griquas (Jonsson Park, 4.30pm); Toyota Cheetahs v DHL Western Province (Toyota Stadium, 7pm)