Kusebenze inhlanhla iChiefs ishaya iMaritzburg koweligi

IChiefs iphendula amahlebezi okuthi iPSL iyasinuka isinqumo sikamahluleli
Abadlali beKaizer Chiefs bejabulela igoli likaNkosingiphile Ngcobo

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ibe nenhlanhla enkulu iKaizer Chiefs ngesikhathi igcina ishaye iMaritzburg United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Leli qembu laseNaturena linyukele endaweni yesithathu ngemuva kwale wini kodwa kumele libonge ukuthi bekungelona usuku lweTeam of Choice lokuwina lolu lwangoLwesithathu.

Umdlalo ubungacaci ukuthi uya ngakuphi ngesiwombe sokuqala njengoba womabili amaqembu abedlala indavundavu. Kuze kwaba umzuzu ka-30 lapho iChiefs izame ukuphaphama khona ingena ebhokisini leTeam of Choice.

Ukuzama ukuvuka emaqandeni kweChiefs kugcine kuthele izithelo ezinnhle ngomzuzu ka-36 ngesikhathi uKhama Billiat eshaya igoli kuba ngu 1-0. Uthole ibhola elihle ebeliphaswe uNjabulo Blom wangalenza iphutha.

Ngemuva kwalokho iChiefs ithe ukuphaphama ifuna igoli lesibili. Ngomzuzu ka-41 uSiphosakhe Ntiya-Ntiya ucisho walibeka phakathi ngemuva kokuthola enhle iphasi ebivela kuKeagan Dolly. Nokho ibhola lakhe liphume phezulu kwepali.

Ngesiwombe sesibili iMaritzburg ibuye seyivutha bhe. UDaniel Cardoso wenze iphutha emuva wacisho walibeka phakathi umdlalo weTeam of Choice kwalamula uDaniel Akpeyi.

Beyifika ifikile iMaritzburg nokufakazelwe ukuthi ithole inqwaba yamakhona nama-free kick. Bekuvalwa amehlo emapalini eChiefs uma uKeagan Ritchie ethatha la makhona nama free kick ngenxele lakhe.

Kumakhona atholwe yiTeam of Choice kukhona eshaye ipali seyimdlile u-Akpeyi. Kusale kona nje ukuthi iMaritzburg ibineshobolo.

IChiefs iphoqelekile ukuthi ifake uNkosingiphile “Mshini” Ngcobo endaweni kaPhathutshedzo Nange ovele wawa eyedwa enkundleni. Lokhu kuwasizile Amakhosi njengoba uNgcobo eshaye igoli lesibili ngomzuzu ka-80 yahamba phambili ngo 2-0 iChiefs.

Ngasekupheleni komdlalo iMaritzburg ibisahlasela ingalilahlile ithemba. Empeleni kumele kucaciswe ukuthi alikho ibhola elidlalwe yiChiefs kulo mdlalo, ibe nenhlanhla nje yokuthola amagoli.

Bese kungokwesibili iChiefs ishaya iTeam of Choice emdlalweni weligi kule sizini. Emdlalweni wokuqala eMgungundlovu Amakhosi awine ngo 1-0.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.