Kusesezandleni zayo i-University of Pretoria ukungena kwiPremiership

Kusesezandleni zayo i-University of Pretoria ukungena kwiPremiership
OkaDonga Gumbi

Uma i-University of Pretoria ingakwazi ukushaya iCape Town All Stars emdlalweni wokuhlunga kwiGladAfrica Championship ngoLwesithathu, iyobe seyilufakile unyawo olulodwa kwiDStv Premiership.

Lamaqembu azogadulisana emdlalweni ozoba seTuks Stadium ePitori kanti uhlelelwe ukuba uqale ngo-3 ntambama.

Ukuwina kwayo kuzosho ukuthi seyidinga ukudlala ngokulingana neSwallows FC emdlalweni wokugcina ngeviki elizayo.

AmaTuks yiwona azihola phambili kule ligi yamaqembu amathathu kodwa iyalingana neSwallows ngamaphuzu bese iba phambili ngenxa yamagoli amaningi.

Umqeqeshi we-University of Pretoria, uTlisane Motaung uthi sekusezandleni zabo ukuthi bayanyukela yini kwiPremiership noma bahlala kwiChampionship.

“Ithuba selilikhulu impela. Sekusezandleni zethu futhi umdlalo olandelayo la sizobhekana khona ne-All Stars usekhaya kodwa uzoba nzima,” kusho uMotaung.

FUNDA NALA: Uzoyilwa enkantolo ‘impi’ acula ngokufela kuyo uKelly

“Kodwa nje uma singaqhubeka nokuzimisela. Sizimisele ngoba sesiyabona lapho siya khona. Ngeke kube lula kodwa okungenani kusesezandleni zethu okwamanje.”

UMotaung uphinde wancoma umgadli wakhe uThabang Sibanyoni odlale elimele ngesikhathi bebambana neSwallows ngempelasonto edlule.

“Uyilolu hlobo lomdlali ongafuni ukusheshe ulukhiphe. Uyamdinga ukuthi akhathaze izitobha kuqala,” kuchaza uMotaung ngokumgcina kwakhe isikhathi eside enkundleni yize ebebonakala ukuthi uthintekile.

“Kuthi uma sekuyisikhathi esifanele bese uyamkhipha ke ufake abazofike baqedele umsebenzi. Mina ngibona esisebenzele kahle impela.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.