Kusezandleni zeSharks ukuthi siyaphi isicoco seRainbow Cup

Sharks win Rainbow Cup
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umdlalo wokugcina phakathi kweCell C Sharks neVodacom Bulls yiwona ozocacisa ukuthi ishona ngakuphi iRainbow Cup SA ka-2021.

ISharks izibeke ethubeni lokuyiwina le ndebe ngesikhathi ibhuquzisa i-Emirates Lions ngo 33-21 e-Ellis Park Stadium, ngoMgqibelo. Amaphuzu amahlanu atholwe yiSharks kulo mdlalo enze ukuthi isale ngamane kuphela kwiBulls okuyiyona ezihola phambili.

IBulls izovakashela eKings Park Stadium, eThekwini, ngempelasonto ezayo, kanti okwayo ukuthi ithole iphuzu lebhonasi kuphela ukuze iqede iqhwakele. Lokhu kuchaza ukuthi ezikaSean Everitt (iSharks) kumele ziwine ziphinde zithole iphuzu lebhonasi ukuze ziqede phezulu.

Akukho ukungabaza ukuthi lo mdlalo wokugcina uzoshuba ngoba iSharks kumele ilwele ukuthi iBulls ayiwatholi ama-try amane, futhi uma beyishaya kumele baqhele impela kungabi ngaphansi kwamaphuzu ayisikhombisa.

Phela uma iqembu lishaywe ngamaphuzu ayisikhombisa kuya phansi, lithola ibhonasi okuyinto okumele iyigweme iSharks uma isibhekene neBulls.

Umdlalo wangempelasonto phakathi kweSharks neLions ubudle ngamaphutha amaningi, futhi yiqembu lasekhaya elizenzele phansi ngokungenzi izinto ngendlela efanele.

Nokho iSharks ibingabukeki ukuthi izoshaywa njengoba ziye ekhefini ihamba phambili ngo 19-14. Kodwa esiwombeni sokuqala womabili amaqembu ayeke inqwaba yamathuba.

Akwaziwa ukuthi umqeqeshi weSharks uzokwenza luphi ushintsho emdlalweni wokugcina njengoba iqembu elidlale ngempelasonto lenze kangcono yize ebekhona amaphutha.

Kulo mdlalo baningi abadlali abebephunyuziwe okubalwa kubo ukaputeni uLukhanyo Am, Siyamthanda Kolisi, Thomas du Toit, Aphelele Fassi, nabanye.

Emdlalweni wokuqala weRainbow Cup iBulls ibukise ngeSharks iyishaya ngo 43-9 ePitoli. Ngempelasonto ezayo leli qembu laseThekwini kumele liwine ngendlela ecishe ifane ukuze ligudluze iBulls esicongweni, lihambe nendebe.

Abashaye amaphuzu kwiSharks ngempelasonto:

Ama-try: Kerron van Vuuren (amabili), Phendulani Buthelezi, Makazole Mapimpi, Boeta Chamberlain

Ama-conversion: Mannie Libbok (amathathu), Chamberlain

Abashaye amaphuzu kwiLions:

Ama-try: Andre Warner, Len Massyn, PJ Botha

Ama-conversion: Jordan Hendriks (amathathu)
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe

Leave a Reply

Your email address will not be published.