Kushiyane umshefezo, yakhala ngaphansi iPirates kwiConfed Cup

Kushiyane umshefezo, yakhala ngaphansi iPirates kwiConfed Cup
UDeon Hotto we-Orlando Pirates oyeke amathuba behlulwa kwiConfed Cup
OkaDonga Gumbi

Kubhedile. Lena yiyona kuphela indlela yokuchaza inqina kamabuyaze ehanjwe yi-Orlando Pirates eNigeria la beyidlala khona umdlalo wamanqamu kwiCaf Confederation Cup ngoLwesihlanu kusihlwa.

IPirates ishaywe ngo 5-4 yiRS Berkane kulo mdlalo obuseGodswill Akpabio Stadium e-Uyo, eNigeria sekukhahlelwa amaphenathi kodwa kumele izisole yona ngalokhu.

IPirates isheshe yangena egiyeni kulo mdlalo futhi bekumele ilishaye igoli ngomzuzu wesithathu uqalile ngesikhathi uHotto ebhekana ngqo nonozinti.

Kodwa lo mdlali uvele watatazela, wakhahlela into ephuphile ayivimbe kalula unozinti weBerkane.

Iqhubekile yawakha amathuba iPirates ithola namakhona amaningi kodwa yehluleke ukuwasebenzisa ngendlela.

IBerkane nayo iye yangena egiyeni lo mdlalo, yaqala nayo yasondela emapalini kaRichard Ofori kodwa nokho beyigcina iphoqeleka ukukhahlela ikude.

Nangasekuqaleni kwesiwombe sesibili uHotto uphinde wathola elinye ithuba, wabhekana nonozinti kodwa watatazela futhi walishayisa kuye ibhola.

Yize beyiwuphethe umdlalo futhi kuyiyo eyakha amathuba amahle, kucacile ukuthi iPirates ayinawo amava umdlao waze wagcina zisabambene.

FUNDA NALA: OweRichards Bay uthi ngeke adayise ngisho enganunuselwa ngengakanani imali

Kube sekuqhutshekelwa esikhathini esengeziwe. IPirates yenze izinguquko, ikhipha uBandile Shandu, kwangena uSiphesihle Ndlovu endaweni wakhe.

Kuphume noBen Mostwari kwangena uThabanga Monare endaweni yakhe. UMonare uthe eqala nje ukusondela ebholeni, wakhahlela umdlali weBerkane ngaphakathi ebhokisini.

Unompempe ungabazile ukubeka iphenathi kodwa ngemuva kokuyobheka iVAR, wabuya wayikhomba emlotheni.

Yilaphoke okuphakame khona uYousesef Olfahli wayinamathisela enethini kwacaca ukuthi sekuvele kwacima izibani kweZimnyama.

Kodwa kuthe neBerkane isizitshela ukuthi sekuyilungele, ibuyela nayo ekhaya indebe, iPirates yalithola elokulinganisa elishaywe uThembinkosi Lorch.

Umdlalo ube sewuyoqedelwa phansi kwepali la okusuke sekufana nokuthi kudlalwa ilotho noma ufayifi wamaChina.

Yilapho ke iPirates efike yaqedela khona umsebenzi, yabuyela ekhaya nendebe ezosula abalandeli izinyembezi ngemuva kwesizini engabanga yinhle.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.