Kushode ozogadla uNotoane nemenja bexabana kuma-Olympics

Kushode ozogadla uNotoane nemenja bexabana kuma-Olympics
UDavid Notoane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isimo simapeketwane eqenjini lesizwe lika-Under 23 elidlala kuma-Olympics eJapan njengoba kushode ozogadla phakathi komqeqeshi, uDavid Notoane nemenja uMxolisi Sibam. Kuthiwa laba bebeqanga indlela okwenzeka ngayo izinto ngaphambi komdlalo wokuqala waleli qembu ngoLwesine.

Elakuleli liguqiswe yiJapan ngo 1-0 emdlalweni wokuqala kanti lizobhekana neFrance ngeSonto ngo 10 ekuseni kowesibili. ICity Press ibike ukuthu uNotoane noSibam bahilizisane kwaze kwalanyulwa sekucaca ukuthi sebezofihlelana izinzipho.

Kuvele nokuthi nabadlali bake bahlongoza ukugoloza ukudlala ngenxa yokuthi kunezinto ezingaqediwe ngezinkontileka zabo.

USibam ungumengameli weSafa esifundeni saseBuffalo City e-Eastern Cape kanti akucaci ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi kube nguye ohamba neqembu kusale emuva abebevele besebenza neqembu kusukela kudala.

“Bekukubi, kushode ozogadla,” ucashunwe esho kanje omunye okuleli qembu ohlenele iCity Press lolu daba. Uthe umsindo usuke ngokuthi kube khona abadlali abafika la iqembu belizicijela khona sekwedlule isikhathi.

USibam njengemenenja bekumele kube nguye oqinisekisa ukuthi izinto ezinjengalezo azenzeki. Kodwa kuthiwa akavumanga ukusolwa ngalokhu, yasuka kanjalo ke impi yamazwi.

“Ngenxa yemithetho yeCovid lapha, iqembu lihlukaniswe phakathi futhi lisebenzisa amabhasi amabili ehlukene. Bekumele lizicije ngo-7.30 ebusuku (ngoLwesithathu). Ibhasi lokuqala lifike ngesikhathi kodwa elesibili belingabonwa.

“Lize lagcina lifike sekudlule cishe imizuzu engu-20 yonke kodwa akwangaba khona muntu ochazayo ukuthi yini imbangela yalokho. Lokhu akakuthathanga kahle umqeqengoba ubelindele kube khona ochazayo ngakho.

“Ubelindele ukuthi imenenja izoza kuye imchazele okwenze lafika sekwedlule isikhathi. Ubefuna bakhombise ukuthi bayawuhlonipha umsebenzi wakhe.

“Kuthe ngaphambi kokuthi kuqalwe, umqeqeshi wakuveza ukuthi lokhu okwenzekile akufanele futhi akumele nje kuphinde kwenzeke. Kuthe uma ithi iyaphendula imenenja, wayivala wathi le ndaba seyivaliwe.

“Kube sekuqhutshekwa ke nokuzicija kwazise bese beveke besalele emuva kwazise bebenikwe ihora eliloda lokusebenzisa le nkundla obekuzodlalelwa kuyo,” kuchaza lo mthombo

Kodwa kusho ukuthi lento ayihlalanga kahle kwimenenja ngoba kuthe uma sekuqediwe, uSibam wayiqala phansi indaba.

FUNDA NALA: UPitso uyagoloza ukukhokha imali iSundowns ethi uyikweleta yona

“Kuphume amazwi amabi kakhulu kwakhonjwana nangeminwe kwanjeya. Kucishe kwaba kubi kwasiza khona ukuthi kukhona abasheshe bayibona ingozi babahlukanisa.”

Kodwa ke akuphelanga lapho ngezigemegeme kuleli qembu. Kuthiwa kuthe ebusuku kwasuka enye ingxabano phakathi kukaSibam nabadlali ngendaba yezinkontileka.

“Iqembu liye eJapan kungasayinwanga lutho. Kuthe uma bebuza kwathiwa bazoxoshwa uma bengafuni ukumela izwe kulo mqhudelwano. Kusuke esinamathambo ke lapho.

“Abanye abadlali bamtshele emehlweni ukuthi akababhukele indiza ebuyela ekhaya kwazise banikele ngesikhathi engabe balungiselela ngaso isizini entsha namaqembu abo ukuba lapha.

“Kuze kwasiza ukungenelela kwesikhulu esiphezulu seSafa (uTebogo Mothlanthe) ekuseni ngoLwesine ukuthi ilungiswe le ndaba,” kusho uMthombo. UNotoane ukuvumile ukuthi bake bahilizisana noSibam wathi ukubikile kwiSascoc neSafa lokhu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.