Kushone umdlali oke wayibamba kwiKaizer Chiefs

Kushone umdlali oke wayibamba kwiKaizer Chiefs
USteve Ncanana kwesokunxele

 

Kudlule emhlabeni umdlali owayegijima kwiKaizer Chiefs uSteven “Bhatata” Ncanana.

Izindaba ezibuhlungu zokushona kwalo mdlali odabuka eMtubatuba, zidalulwe umnewabo uLeonard. UNcanana uke wayibamba nakwiThanda Royal Zulu.

“Yebo akasekho emhlabeni,” kusho uLeonard kwiDiski Times.

“Ubesegulile isikhathi impela. Lokhu kuqale ezinsukwini ezedlule sashayela ucingo i-ambulance ukuthi izomlanda. Nebala yafika futhi kwakucaca ukuthi isimo sibi impela

FUNDA NALA: IRoyal AM inconsa amathe ngoManqoba Mngqithi

“NgoLwesine ngishayele esibhedlela ukubuza ukuthi ngingambona yini ekuseni nokuyinto engayenza. Kuthe sengiya ejimini kwangena ucingo ngeSonto luthi angiphuthume esibhedlela nokuyilapho engatshelwa khona ukuthi akasekho.”

Ngemuva kokushiya kwiChiefs uNcanana, obeneminyaka engu-36, udlalele iBlackburn Rovers neMilford FC kwiMotsepe League. Ube esejoyina iThanda Royal Zulu isagijima kwiNational First Division.

Impempe izwelana kakhulu nomndeni wakwaNcanana. Sithi dudu akwehlanga olungehliyo.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *