Kusilekelelile ukudlala neSaoura ingaphelele – Ncikazi

UNtsikelelo Nyauza
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, uvuma ukuthi kubasizile ukudlala neJS Saoura, bengekho abanye abadlali bayo, emdlalweni weCAF Confederation Cup, ekuhambeni, ngeSonto.

EzikaNcikazi zizibekisele indawo emidlalweni yama-quarterfinal ngemuva kokushaya iJSS ngo 2-0 emdlalweni wamaqoqo  enkundleni yayo. Amagoli eZimnyama angene ngesiwombe sesibili, kanti eze noNtsikelolo Nyauza noKabelo Dlamini.

“Bayiqembu elinzima kakhulu, iSaoura yiqembu elihle kakhulu,” kusho uNcikazi.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle, mhlawumbe iSaoura ibe nebhadi ukuthi bekukhona abadlali babo abebedonsa izigwebo, bangadlala.

“Ukaputeni wabo unombolo 25 ubengekho. U-Amran ubengekho kanjalo nabadlali babo ababli basemuva.

“Ngicabanga ukuthi lokhu kusisize kakhulu. Nokho bebesabophele iqembu elihle kakhulu elinabadlali abahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi bazokwazi ukudlulela phambili.”

IPirates isalelwe umdlalo owodwa kweyamaqoqo ezowudlalela ekhaya ne-Al Ittihad ngo-Ephreli 3. UNcikazi uthe bazozimisela kulo mdlalo.

“Uma sesibuyela eNingizimu Afrika sizodlala kakhulu, ngesikwati sethu esiqinile. Sizozama ukuwina umdlalo wethu ngendlela eqondile,” kusho lo mqeqeshi.

“Sidlalela ekhaya ngakho kumele nakanjani siwuwine umdlalo. Ngiyajabula ukuthi iqembu lethu lidlalile lazibekisela indawo (kuma-quarterfinal) kodwa ngeke sishintshe lutho.

“Sizodlalela ukuwina bese sifinyelele kumaphuzu angu-15, uma kuvuma lokho.”

IBucs idlala kahle kakhulu kwiConfederation Cup. Emidlalweni emihlanu iqoqe amaphuzu angu-12, yahlohla amagoli angu-15. Inethuba lokuwina lo mqhudelwano.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.