Kusinda kwehlela kwiChippa egaxele odakeni lwezembe

URiaan Hanamub noRichard Mbulu

OKADONGA GUMBI

Isheshe yaphela injabulo yokungena kowamanqamu okokuqala emlandweni kwiChippa United njengoba isale ibakaza ingazi ithatheni ihlanganise nani ukusuka endaweni eyingozi seyishaywe yiBaroka FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ntambama.

IChilli Boys iqophe umlando ngokuhamba ize ifike kowamanqamu kwiNedbank Cup la izobhekana khona neTshakhuma Tsha Madzivhandila ngoMeyi 8.

Nokho uma izoqhubeka ngokubhacaza kwiligi, iyoqudlala ikhala owamanqamu seyidliwe yizembe. Ngemuva komdlalo obuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, iChilli Boys ibisisagaxele endaweni yesibili ukusuka emuva.

Isaqoqe amaphuzu angu-17 emdlalweni engu-23, futhi iphambili ngamane kwiBlack Leopards engemuva kwayo. Isilele emuva ngamabili kwiTshakhuma engaphambi kwayo.
IBaroka yona igxume yeqa iTS Galaxy, yangena emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi.

IBakgaga iphoqeleke ukwenza izinguquko ngomzuzu ka-14 kulandela ukulimala kukaVusi Sibiya. Kungene uJoslin Kamatuka endaweni yakhe.

Ngomzuzu ka-24, u-Eva Nga ubethi uzuma u-Oscarine Masuluke ngembumbulu yeshodi kodwa wakwazi ukulivimba. Nonozinti weChippa u-Ismael Watenga udelise uKgodiso Monama ngomzuzu ka-35, ephuma efika kuqala ebholeni.

Nokho emizuzwini emihlanu ukusuka lapho lo nozinti wenze iphutha elibucayi ephasela uGoodman Mosele ibhola, naye akangabe esaliyeka ithuba walibeka enethini.

IChippa ibuye ekhefini seyibonakala ukuthi iyalifuna ngampela igoli, yakhipha uNga, yafaka uKurt Lentjkies ukuze izame ukwakha amathuba. Beyilokhu ibuyile empalini kaMasuluke.

U-Augistine Kwem ugeje kancane ukuthola elokulinganisa ngesikhathi edonsa ishodi engaphandle kwebhokisi, kodwa ibhola lakhe laphuma phezu kwepali.

Ngomzuzu ka-67, uWatenga ube nenhlanhla ukuthi angakhishwa ngekhadi elibomvu kulandela ukudlalisa kabi umgadli weBaroka obesephunyuka. Uxwayiswe ngeliphuzi.

UGregory Damons uthole elihle ithuba ngomzuzu ka-73, ibhola liwela kuye engaphakathi ebhokisini leBaroka, kodwa walishaya laphuma eceleni.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.