Kusize izinsephe zamaProteas iWest Indies isho ukuwaqeda

Izinsephe zamaProteas
UKagiso Rabada wamaProteas
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Izinsephe zamaProteas uVan der Dussen noKagiso Rabada zikhiphe elakuleli ehlazweni zibhetha ngobuchule emdlalweni wesibili we-test oqhubekayo eDaren Sammy Cricket Stadium, eWest Indies. AmaProteas abhekene neWest Indies kuchungechunge lwemidlalo emibili yama-test ekuhambeni.

Leli qembu eliholwa nguDean Elgar lihamba phambili ngo 1-0 ngemuva ngokubhambabula iWest Indies nge-innings nama-runs angu-63 kwi-test yokuqala.

AmaProteas aqale usuku lwesithathu ngebatha elahlekelwa amawikhethi ubuthaphuthaphu. Izinkumbi zabalandeli bekhilikithi bezilindele ukuthi amaProteas azicanasele ngosuku lwesithathu.

Kodwa iWest Indies yavuka umbhejazana ibukisa ngababhethi bamaProteas. AmaProteas alahlekelwe ngoMarkram oshaye ama-runs amane, u-Elgar ophume esenze angu-10, uKevin Peterson obhalise angu-18, uKyle Verreynne, Keshiv Maharaj noLungi Ngidi abaqoqe ayisithupha.
OQuinton de Kock, Wiaan Mulder noRabada yibo abasize amaProteas ekutheni afinyelele kuma-runs angu-174 kuma-over awu-53. URabada ushaye ama-runs angu-40 emabholeni angu-48 kanti uVan der Dussen yena ugcine engakhishwanga eseshaye ama-runs angu-75. Bebobabili bahlanganise ama-runs angu-70
UKemar Roach noKyle Mayers yibo ababe iphela endlebeni kuma-batsmen amaProreas. URoach uhlomule ngamawikhethi amane, kwathi uMayers yena wabutha amathathu.
UJayden Ceales, Jayson Holder noKraigg Brathwaite bathole iwikhethi umdlali ngamunye. Ukuphuma kwamaProteas wonke esenze ama-runs angu-174 kube sekusho ukuthi iWest Indies izodinga ama-runs angu-324 kwi-innings yayo yesibili ukuze inqobe.
Funda la: Kukhanyile kuVan Niekerk, kumnyama kuSemenya https://bit.ly/3vTEb8t
Elakuleli lishaye ama-runs angu-298 kwi-innings yokuqala lapho kugqame khona uQuinton de Kock ngakolunye uhlangothi iWest Indies yenze ama-runs angu-149 kwi-innings yayo yokuqala.
NgeSonto ivale usuku lwesithathu seyenze ama-runs angu-15 kungazange kuphume muntu kuma-over ayisithupha.
UBrathwaite noKieran Powell bazovula usuku lwesine ngethemba lokwakha isisekelo esiqinile.
Emabholeni angu-14, uBraithwaite ushaye ama-runs amahlanu kwathi uPowell waqoqa ayisishagalolunye emabholeni angu-22. AmaProteas adinga amawikhethi angu-10 bese enza isiqiniseko sokuthi iWest Indies ayifinyeleli kuma-runs angu-324 ukuze aphumelele.
Izinsephe zamaProteas ezifana noLungi Ngidi, Kagiso Rabada no-Anrich Nortje yizo okubhekwe ukuthi ziweze iNingizimu Afrika ngelibanzi. Usuku lwesine luzoqala ngo 3.30 ntambama ngoMsombuluko. Ungawubuka lo mdlalo kuSuperSport 12.
Uma ungeke ukwazi ukuwubuka, khululeka ngoba Impempe izpqhubeka nokukubikela ngalo mdlalo kuze kube sekuphetwheni kwawo.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @Thaabisow
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.