Kusize ubuqhawe bukaMpontshane iPirates iwashia Usuthu ijezi

Kusize ubuqhawe bukaMpontshane iPirates iwashia Usuthu ijezi
UTapelo Xoki noKwame Peprah
OkaDonga Gumbi

Ibe nenhlanhla i-Orlando Pirates iwashisa AmaZulu FC ijezi kwiNedbank Cup emdlalweni obushisa e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

IPirates ibikhombisa ukuthi iyahlangana kodwa kuvela ukuthi sesiside isikhathi yagcina ukudlala – noSuthu bekungokufanayo.

Usuthu lubanjwe inkunzi esowombeni sokuqala ngesikhathi incishwa iphenathi ecace bha kulandela ukuthi uGoodman Mosele elithinte ngesandla ibhola.

Unompempe uMasixole Bambiso ubeseduzane kodwa uluchithiel Usuthu yize eyishayile impempe ekhombisa ukuthi akumiwe.

Kodwa ngemuva kokuxoxa nabasizi bakhe ube esejika wathi akube yibhola lePirates kuqhutshekwe nomdlalo.

Esiwombeni sesibili iBucs ibe seyilithola igoli elibe lihle. Kube nguDeon Hotto osuka nebhola wangena ebhokisini, walibeka kuNtsako Makhubela.

Ube eselibuyisela kuye uHotto obe eselinamathisela enethini kwaba ngu 1-0. IUsuthu luzamile ukubuya ngemuva kwalokhu.

Ngomzuzu ka-86 luthole elihle ithuba ngesikhathi libekelwa iphenatyhi kulandela ukuthi uNtuthuko Mabaso elithinte ngesandla esebhokisini langakubo.

Nokho uSIyabonga Mpontshane ube yiqhawe eyivimba iphenathi kaTapelo Xoki, kwaba wukudlula kweZImnyama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *