Kusolwa iCorona ngokushona kowayeqeqesha eMzansi

Mthokozisi Mncuseni

Kunomsindo ngokushona kowayengumqeqeshi weqembu lesizwe laseBotswana, uDavid Major Bright.

Le nzizwa eyafika eNingizimu Afrika yazakhela olukhulu udumo ngendlela eyayenza ngayo izinto, ikucacisa futhi ukuthi ayincengi, idlule emhlabeni ngoMsombuluko.

Ngokwephephandaba laseBotswana iPula24, kuthinta i-Covid-19 ukushona kwakhe yize iBotswana Football Association (BFA) ingazange ikubalule lokhu ngesikhathi iqinisekisa ukushona kukaBright obeneminyaka engu-64 ubudala.

ENingizimu Afrika ufikele kwi-Engen Santos ngo-2008 wadlulela kwiBay United, Black Leopards nakwiPolokwane City.

Ngokwemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana eBotswana, uBright ubeseNingizimu Afrika emasontweni amabili edlule.

Kulolo hambo lwakhe uhlangane nowesifazane emngceleni babingelelana ngokujwayelekile bengazifakile izimfonyo.

Le ndaba ihamba nge-voice note okuthiwa isabalele ku-whatsapp kuleliya lizwe, lapho kunomlisa khona ocacisa futhi eqinisekisa ukuthi uBright uhlangane nesihlobo sakhe ebesine-Covid 19 naso esingasekho. Babingelelana baze bangana bengazivikele.

NgokwePula24, le voice note iqale ukuvela ngoLwesithathu olwedlule njengoba umqeqeshi eshone ngoMsombuluko.

“Silahlekelwe siyizwe lonke. Silahlekelwe uFakude, owenze ngendlela umsebenzi izwe ebelimbekele wona.

“Uthando lwakhe lwebhola lumbeke esicongweni kubantu esiziqhenya ngabo. Uqeqeshe eBrazil naseNingizimu Afrika, kanti neqembu lesizwe ulihole njengesibani. Sithi dudu emndenini wakhe,” le ngeminye yemisho ebisesitatimendeni esikhishwe yiBFA iqinisekisa ngokushona kukaBright.

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.