Kusolwa isifo senhliziyo ngokushona kukaShane Warne

UShane Warne
Sihle Ndlovu

Kusolwa isifo senhliziyo ngokudlula emhlabeni kungalindelwe, kwenkakha yekhilikithi yase-Australia, uShane Warne.

Kumangale ebaningi, emhlabeni wonke, ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi le nkakha eyayingumshwibi ohlonishwayo emhlabeni, ayisekho, ngoLwesihlanu.

“UShane utholakale engasakanyazi emzini wakhe. Kwale noma sebezama ukusiza abazosizo lokuqala kodwa behluleka ukumhlenga,” kusho isitatimende ebesiphuma ethimbeni eliphethe uWarn,

UWarne ubehlala eKoh Samui, eThailand, kanti kuvela ukuthi ubezihlalela yedwa. Le nkakha, ebineminyaka engu-52, idlale imidlalo engu-152 yeTest nengu-194 yosuku olulodwa. Uthathe amawikhethi angu-708 nangu-194, ngokwehlukana kule midlalo yekhilikithi.

UWarne unezingane ezintathu – uJackson, uSummer noBrooke, azithole kowayeshade naye uSimone Callahan.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.