Kusolwa isikhulu ‘ngokudukisa’ uMaduka ukuze siqashe ‘abakhokhile’

Kusolwa isikhulu 'ngokudayisa' umsebenzi wokucija iRoyal AM
UJohn Maduka oshiye isigubhukane kwiRoyal AM waya kwiMaritzburg United
Alfred Ngubane

Sekuvele ukuthi kukhona isikhulu seRoyal AM esaqinisekisa ukuthi uJohn Maduka akahlalisekile ukuze azisulele ahambe khona kuzovuleka isikhala sifake abangani baso.

Ngokuthola kweMpempe isikhulu lesi sinabantu abasifumbathise inkece ukuze silande abaqeqeshi abathandwa yiso kulo msebenzi.

Phela ezikaMaMkhize zaziwa ngokuthi ziyaholela kanti zihalelwa abaqeqeshi abaningi ikakhulukazi njengoba zizoyodlala kwiCaf Confederation Cup.

Kuthiwa kumanje lesi sikhulu, Impempe eligodlile igama laso, sinxenxa ukuba kuqashwe oyedwa kubaqeqeshi abathathu nabo esingeke siwadalule amagama abo njengamanje.

“Nawe cishe uyayisola nje indlela ahambe ngayo uMaduka. Ubengeke ethi enze kahle kanje bese evele eshiya nje kalula kanjalo,” kusho lo mthombo.

“Sekuvelile ke ukuthi isikhulu lesi sifakwe inkece emaphaketheni ukuze sivulele abathile isikhundla, kube yibo abazoqeqesha leli qembu,” kuchaza lo mthombo.

Uqhube wathi uMaMkhize uyobona sekumoshakale kakhulu njengoba esethemba lesi sikhulu futhi engasigadi ngoba ecabanga ukuthi sinamava kulo msebenzi.

“Ayikho into eyenzeka eqenjini ingadlulanga kuye. Ngisho abezindaba befuna ukukhuluma nomdlali othile, kumele kube yiso esikugunyazayo lokho kuqala.

FUNDA NALA: IPirates idle iChiefs izithende isayina obekwiGallants

“Yingakho noJohn kuthe uma kuvuleka isango ngale kwamakhelwane, waphulukundlela wagijimela khona ngoba enethemba lokuthi mhlambe khona uzoyekwa asebenze ngendlela afuna ngayo.

“Phela isikhulu lesi yiso ebesifuna ukumtshela nokuthi akabhale ukuthi ufuna ukuhambisa baphi abadlali, nokuthi ufuna baphi,” kusho lo mthombo.

UMaduka usheshe wawuthola umsebenzi njengoba kumanje eseqashwe yiMaritzburg United ukuba abe ngumqeqeshi wayo ngesizini ezayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *