Kuthanda ukuqansa kakhulu kwiTsunami Queens kwiSuper League

Kuthanda ukuqansa kakhulu kwiTsunami Queens kwiSuper League
Abadlali beTsunami Queens
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

IMa-Indies ishaye iTsunami Queens evele ayenzi kahle emidlalweni yeHollywoodbets Super League ngoMgqibelo.

ITsunami Queens isabhajwe ngasemsileni ngamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwemidlalo engu-18 kule ligi.

Kubukeka isindeka kakhulu iQueens kodwa njengoba kuyisizini yayo yokuqala cishe isafunda nokuzothi uma seyiphinda ibuya kule ligi yenze kangcono.

Iyona kuphela iqembu lase-Eastern Cape elidlala kule ligi yabesifazane ekhokhelayo nesiza kakhulu ekukhuluseni ibhola kuleli.

Ngawo uMgqibelo, iMamelodi Sundowns Ladies iqhubekile nokuzenzela njengoba ibhaxabule iThunderbirds FC ngo 5-0 e-East London.

Leli qembu lasePitoli lihlezi phezulu esicongweni ngamaphuzu angu-40. Kuyimanje akekho osakwazile ukuvimba leli qembu liqwaqwada wonke amaqembu ehlangana nawo.

Umdlalo phakathi kweCoal City Wizards neDurban Ladies uphele kungekho elifuna ukugoba uphondo njengoba unompempe ekhalise indweba yakhe kungena goli, kungu 0-0.

IBloemfontein Celtic Ladies neRichmond United nabo babambane ngo 1-1 eBloemfontein. ITshwane University of Technology idlale ngokulingana ne-JVW FC emdlalweni obuseTshwane.

NgeSonto umdlalo ovelele phakathi kwe-University of Johannesburg neGolden Ladies ngomunye wemidlalo ekade inzima.

Igoli eligcine liphumelelise i-UJ liqhamuke ngomzuzu wokugcina ngemuva kokuthi la maqembu edlale isiwombe sokuqala nesesibili kungaqhamuki ofuna okugoba uphondo.

Umdlalo ubonakale ukuthi ungase uphele zibambene kodwa ke iqembu laseMafikeng ligcine lidumalile njengoba lilwe cishe umdlalo wonke.

FUNDA NALA: UMngqithi uthi kuyabasiza ukukhuluma ‘ngengxabano’ yakhe noRulani

Kodwa kuthe umdlalo sewuya ngasemaphethelweni abakwazanga ukuvika ingozi ekade ilethwe yileli qembu laseSoweto.

Igoli liqhamuke noBoitumelo Rasehlo. IGolden Ladies uma ifuna ukuvimba izembe kuyaphoqeleka ukuthi baqale banqobe imidlalo yabo.

Njengamanje yibo abahleli emsileni kwiSuper League ngamaphuzu angu-12. Unozinti u-Elizabeth Mazivise uhambe nendondo yomdlali ovelele.

Lokhu bekungemuva kokubonisa umdlalo oseqophelweni eliphezulu evimba amabhola anzima.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.