Kuthe cosololo kuBenni eqeda inkani yeSele Sele

UBenni McCarthy ocija AmaZulu ejabula nomphathi weqembu uSandile Zungu

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kucishe kwaphela umoya kuBenni McCarthy opheka AmaZulu, ngenxa yenjabulo iqembu lakhe linqoba ngo 4-3 emdlalweni obudle ngezigemegeme kwiDStv Premiership neBloemfontein Celtic ngoLwesibili eJonnson Kings Park, eThekwini.

AmaZulu awezwe ugesi we-free kick ethathwe nguTapelo Xoki ngomzuzu ka-94. Bese kuyigoli lakhe lesibili emdlalweni njengoba ebeseshaye nephenathi. Amanye amagoli AmaZulu ashaywe ngu-Augustine Mulenga noSiyethemba Sithebe.

“Ayikho into ebingekho kulo mdlalo. Ngijabule kakhulu ngoba siwaqoqile namuhla amaphuzu. Bengisenegqubu ngoba sibambane nabo muva nje, ngibona sengathi bekufanele sinqobe.

“Kusemqoka nokho ukuthi ngiyincome iCeltic ngoba kumnandi ukudlala nayo. Ihlasela ngayo yonke indlela ngakho nawe uthola ithuba lokuhlasela ngendlela ofisa ngayo,” kusho uMcCarthy.

Ngendlela Usuthu oludlale kahle ngayo lapha kuze kwavela nolunye uhlangothi lukaMcCarthy owaziwa ngokungenqeni muntu.

Kulokhu ukhombise nokuthi uyefana nabanye bantu ebonga indlela amukeleke ngayo kusukela efika eThekwini.

“Kuyintokozo enkulu kimina ukubona izinto ziqala ukwenzeka ngoba indlela engamukeleke ngayo ngifika lapha kungicacele ukuthi bengidingeka.

“Indlela abadlali abangilalela ngayo kusukela ngosuku lokuqala, iyamangalisa. Abaphathi bangiphathise okweqanda, manje uma sesikwazi ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana lokhu kungishaya ngaphakathi.

“Ngeke ngenze lutho ngaphandle kwethimba lami nalo engingeke ngingalibali.”

UMcCarthy ukhale kakhulu nangokukhathala okulandelwa ukuthi balimale abadlali njengoba eveze ukuthi emdlalweni olandelayo neLamontville Golden Arrows ngeke abe khona uSithebe.

Kwenzeka lokhu nje uLuvuyo Memela naye akekho. UXola Mlambo noBonginkosi Ntuli bebephunyuziwe ngoba kusatshelwa khona ukuthi abadlali bathwele kanzima.

“Isizini isendaweni lapho kufanele sizibheke ngempela ngoba ayijwayelekile. Uyasinda umthwalo kubadlali okwenza umsebenzi wethu ube nzima. Kunezikhathi lapho kufanele siye emdlalweni nesikimu esingaqinile ngokwanele ukugwema ukuthi ubophele wonke uswidi wakho kufike kulimale abanye.

mthokozisi@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *