Kuthe dwi kuZwane iChiefs iwina

Sihle Ndlovu

Umqeeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur “10111” Zwane, uthi kwehlike umthwalo emahlombe ngemuva kokuthi beshaye iMarumo Gallants ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.

Bese kuphele imidlalo emine yonke Amakhosi edlala ukuba ukudla kwenduku emidlalweni yeligi. Nokho ukuwina ngoLwesibili kubuyise ukuzethemba ngokusho kukaZwane.

“Lo mdlalo ubuyise ukuzethemba kithina. Mhlawumbe ukubheka phambili sizoqhubeka nokuqoqa amaphuzu aphelele,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.

“Noma kungathiwa sidlala inhlakanhla yebhola, ngoba njengamanje kushubile, sizozama. Wonke amaqembu afuna ukuzibekisela indawo kwiTop 8 kanti amanye abalekela izembe.”

IChiefs kuzofanele izibambe ziqine emdlalweni olandelayo njengoba izobhekana nompetha beligi, iMamelodi Sundowns. Umdlalo useFNB Stadium, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.

“Sisesimeni lapho kumele siqinisekise ukuthi sigcina wonke umuntu eme ngamanzonzwane. Buka nje umdlali ofana noKhama (Billiat) udlale kahle namuhla futhi uyena mdlali engaziyo ukuthi uyidlale yonke imidlalo emine edlule.

“Bekumele simkhiphe ukuze simonge. Sizomnika isikhathi esanele sokuphumula ngoba sizomdinga engumqemane emdlalweni ozayo.”

Igoli eliwinise iChiefs kulo mdlalo lishaywe uKeagan Dolly.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.