Kuthi akandize umqeqeshi weSundowns Ladies

Kuthi akandize umqeqeshi weSundowns Ladies
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Kuthi akandize yinjabulo umqeqeshi weMamelodi Sundowns Ladies uJerry Tshabalala njengoba bedlulele esigabeni esilandelayo kwiCAF Women’s Champions League.

IBanyana Ba Style ibambane ngo 0-0 ne-ASFAR yaseMorocco emdlalweni wokugcina esigabeni samaqoqo ngoLwesihlanu.

Lokhu kuqinisekise ukuthi leli qembu lasePitoli liqeda eyamaphuzu lingayazi induku, futhi lingazange lingenelwe yigoli.

Liwine imidlalo emibili ngo 1-0 lase ladlala ngokulingana lo wokugcina.

“Wumuzwa omnandi kakhulu lona. Njengomqeqeshi kumele uziqhenye,” kusho uTshabalala.

“Kumele uzimbambathe umhlane uthi senginqobile kwiCosafa, manje nginethuba elihle lokushaya amaphiko kulo lonke izwekazi kwiCAF.”

Nokho lo mqeqeshi usheshe wakucacisa ukuthi akayiduduli yedwa inqola.

FUNDA NALA: UKhompela uthi abantu abayeke ukugxeka uDe Klerk

“Akumina ngedwa. Yiqembu lonke okungamele liziqhenye lithi sidle umhlanganiso kwiCAF ndawonye.

“Ngeke ngikwazi ukwenza yonke into ngedwa, ibhola umdlalo lapho kubanjiswana khona.

“Nginabantu abasebenza ngemuva kwami, basebenza ngokukhulu ukuzikhandla.

“Kuyajabulisa kakhulu ukuba kweyandulela owamanqamu weCAF Women’s Champions League yokuqala ngqa.”

ISundowns izodlala neMalabo Kings yase-Equitorial Guinea kowandulela owamanqamu ngoMsombuluko.

Komunye umdlalo kuzotholana phezulu i-ASFAR neHasaacs Ladies yaseGhana.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.