Kuthombe ukhiye kuHunt iChiefs ishayelwa ekhaya

U-Abubaker Mobara noBernard Parker

OKADONGA GUMBI

Usale ebambelela ngezidindi engazi athatheni ahlanganise nami ukuze aphume nempendulo ngokudliwa kweKaizer Chiefs uGavin Hunt.

Lo mqeqeshi uthi okungenani bekumele bathole noma yiphuzu emdlalweni weDStv Premiership la behlulwe khona yiCape Town City ngo 2-1 besekhaya eFNB Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

Amakhosi ake azithola eselandela ngemuva ngamagoli amabili, kodwa akwazi ukubuya athole elilodwa. Alizamile nelesibili kwanqaba khona ukwenza.

“Ngiphoxekile impela ngomphumela, ngicabanga ukuthi besifanelwe wukudlala ngokulingana,” kusho uHunt ngemuva komdlalo.

“Alivumanga (igoli lokulinganisa), kodwa besiwuqale kabi lo mdlalo esiwombeni sokuqala. Kuyadumaza nje.

“Sekuke kwanemidlalo la besihamba khona phambili kodwa sayilahla ekugcineni, nathi lana bekumele sibuye ekugcineni siphume nephuzu.

“Kodwa besingalisebenzisi ngendlela ibhola uma sesisondela emapalini ezitha. Nabo kodwa bebesicindezele, benamathuba Uma sikhuluma iqiniso nje.

“Besibuye sibheke sikhathele, sisindwa zinyawo ngakho bekungewona umdlalo wethu lona,” kuchaza uHunt.

UHunt usenezinsuku ezimbalwa zokulungiselela umdlalo ongase ube nomthelela omkhulu eqenjini lakhe njengoba bezobhekana neMamelodi Sundowns esanda kwehliswa kabuhlungu emthini yiTshakhuma Tsha Madzivhandila, yaphinde yadidiziswa AmaZulu FC.

Ukushaya iSundowns kungaliqinisa kakhulu iqembu likaHunt ikakhulukazi njengoba selisesigabeni somkhumulajezi kwiCaf Champions League.

Kanti ukwehlulwa kwalo kungalilimaza kakhulu emoyeni ngoba kungakwehlisa ukuzethemba kubadlali bakhe.

“Wonke umdlalo ubalulekile kusukela kowokuqala isizini iqala, kuya kowokugcina. Awukho umehluko, ngakho kumele sivuke sizithathe sibheke lo mdlalo wangeSonto.”

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.