Kuvaleka ikhasi lomlando ebholeni lakuleli iCosmos idliwa yizembe

Kuvaleka ikhasi lomlando ebholeni lakuleli iCosmos idliwa yizembe
UJomo Sono
Alfred Ngubane 

Kuzovaleka ikhasi lesigaba somlando webhola lakuleli ekupheleni kwale sizini kwiGladAfrica Championship njengoba iJomo Cosmos seyidliweyizembe.

Leli qembu likaJomo Sono elinomlando omude sekulibhedele yize kusasele imidlalo emithathu okumele liyidlale kulesi sigaba.

Ukuqagela ngokuthi ngabe lizokwazi yini ukusinda kuphele ngeSonto ngesikhathi ishaywa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila okuyidudulele kwi-ABC Motsepe League.

ICosmos inamaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo engu-27 kanti seyisalele ngamaphuzu ayishumi emaqenjini angenhla kwayo.

Lokhu kusho ukuthi noma ingayiwina yonke le midlalo esele ngeke isasinda. Osekusele wukubona ukuthi ubani uzoyilandela kulawa angenhla kwayo.

Impempe ike yabika phambilini ngokuthi ukumnikazi uSono usevele ubeke amathemba okusinda ezembeni kuMdali ngoba akusekho asangakwenza ukuvika ngokwakhe.

ICosmos ikulolu tavatava lehlathi elimnyama nje ifakwe nguyena uqobo uSono njengoba selokhu athatha izintambo zokuqeqesha kuRoy Mathews ngo-1992, akaze ayiyeke.

FUNDA NALA: IPirates idlule kunzima kwiSimba nonompempe eyicindezele

Kwathi ngonyaka olandelayo, ngo-1993 yagencwa yizembe njengoba uSono ayesephethe isikhundla sokuba ngumphathi nomqeqeshi.

Yabe seyidayisa abadlali abaningi abanonhlonzo baya eqenjini le-Orlando Pirates esingabala kubo oMark Fish, Helman “Ncane” Mkhalele, Linda Buthelezi, Tony Cartano , Innocent Mncwango no-Eugene Zwane.

Akakwazanga ukusheshe azivale izikhala zabo waze wabuya ehlathini ngo-1995. Leli qembu linomlando omuhle ebholeni wakuleli ikakhulukazi wokuvundulula abadlali abahle.

Kwabanye babavela ngeCosmos singabala ooManuel “Tico Tico” Bucuane, Dikgang Mabalane, Nkosinathi Nhleko, Renilwe Letsolonyane, Lucky Mhlathi, Benjamin Mwaruwari nabanuye abaningi.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.