Kuvalwe ngisho imigwaqo eParis kutheleka uMessi

Kuvalwe ngisho imigwaqo eParis kutheleka uMessi
ULionel Messi efika eParis
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kuphpqeleke ukuthi kuvalwe imigwaqo ethile eParis, inhlokodolobha yaseFrance ngoLwesibili ntambama kulandela ukutheleka kukaLionel Messi kuleli dolobha.

UMessi kulindeleke asayine kwiParis Saint Germain kuleli sonto kulandela ukushiya kwakhe kwiBarcelona yaseSpain ngempelasonto edlule.

Abalandeli bebegcwele izitaladi eParis befuna ukuzibonela ngawabo le nsephe ehlonishwa umhlaba wonke. Ukuphithizela kuphoqe ukuthi amaphoyisa ayivale eminye imigwaqo ukuze izimoto ebeziyolanda leli qhawe esikhumulweni sezindiza zikwazi ukuhamba.

Bekungakacaci nokho ukuthi ubeya emahhovisi eParis St Germain noma ubesazoqala ehhotela. Kuthiwa uMessi usevumelene naleli qembu ngenkontileka yeminyaka emibili.

Isiphithiphiti siqale ngoMsombuluko ekuseni njengoba abalandeli bevukele ezikhumulweni zezindiza beyokhempela ukufika kwalesi sihlabani sase-Argentina.

Kube ukuba adilike nje endizeni kwaqhuma ingoma abalandeli bengakholwa wukuthi nguye ngampela uMessi lo osezodlala kwiligi yabo iLigue 1.

Injabulo yokuza kwalesi sihlabani sekuqale nezimpikiswano ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi ngenombolo yejezi azonikwa lona. Unombolo 10 abemgqoka kwiBarcelona naseqenjini lesizwe lase-Argentina ligqokwa nguKillian Mbappe.

FUNDA NALA: UKwem ujatshuliswa wukubona injabulo ebusweni babalandeli uma ekora

Abanye bathi uMbappe kumele akhombise ukuhlonipha lesi sihlabani ngokuthi azinikezele yena leli jezi kuMessi. Abanye bathi kumele athathe elinye ukuze liphanyekwe ethala uma esethatha umhlalaphansi ukumhlonipha.

KwiPSG uMessi uzohlangana nabadlali aseke wadlala nabo phambilini. UNeymar Junior waseBrazil bebedlala naye kwiBarcelona phambilini kanti u-Angel Di Maria badlala naye kwi-Argentina.

Ukusayinwa kwakhe sekukhuphule amathemba okuthi iPSG izogcina iyiwinile i-Uefa Champions League osekunesikhathi iyizama kodwa iyihlula.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.