Kuvela elomhlathi kuMazinyo ngokubhaxabula kwabo iChilli Boys

U-Ernst Middendorp oqeqesha iMaritzburg United

SIHLE NDLOVU

Ukubhaxabula iChippa United ngo 5-1 kwenze iMaritzburg United yabukeka ingalivika nakanjani izembe ekupheleni kwesizini, kanti iwa libheke umoya kwiChilli Boys.

ITeam of Choice bekuvele kubhekwe ukuthi iwuwine lo mdlalo ngoba ibidlalela eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, lapho ihlale yenza khona kahle. Nokho ukuwina ngembudlu yamagoli angaka yinto ebingalindelwe.

IMaritzburg ayiyiqalanga kahle neze isizini nokwenze ukuthi kukhonjwe indlela obeyiqeqesha u-Eric Tinkler. Kulandwe u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, ocishe wawina isicoco seligi naKaizer Chiefs ngesizini edlule, ukuthi azolitakula leli qembu laseMphithi.

Ukuwina kweTeam of Choice kwenze yathi ukuphefumula, yaxebuka emsileni. Njengamanje isendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-12. Ngaphambi kwalo mdlalo ishaye iTS Galaxy ngo 2-0 ekuhambeni nokukhombisa ukuthi leli qembu alifuni ukuya ehlathini ekupheleni kwesizini.

UMiddendorp uzwakale ejabule ngokuwina kahle kanje kodwa usakholwa ukuthi bebengashaya amagoli amaningi kunalawa abawashayile, baphinde badlale kangcono.

“Leli yigxathu elikhulu kulandela ukuwina kwethu ekuhambeni sibhekene neTS Galaxy. Sibe nenkinga encane emizuzwini yokuqala engu-18 kuya ku-20, lapho sidedele igoli kwaba ngu 1-0. Kucacile ukuthi besingayenzi into ebesihlele ukuyenza,” kusho uMiddendorp.

IChilli Boys iyona eshaye igoli kuqala kulo mdlalo kodwa kubukeke sengathi ihlokoloze iziqandu ematsheni eqenjini lasekhaya elivele lavuka indlobane.

“Ngemuva kokudedela igoli siqalile sabacindezela, sibaphoqa ukuthi benze amaphutha. Lokhu kuhlasela bekukuhle kakhulu njengoba sikwaze ukushaya amagoli amahlanu kodwa ngikholwa ukuthi besingashaya amanye amabili ngaphezulu,” kugcizelela uMiddendorp.

IMaritzburg ayiyazi induku emidlalweni emihlanu edlule kodwa uMazinyo akafuni ukusheshe ahleke kuze kuvele elomhlathi.

“Sisenza amaphutha ngakho kukhona lapho kumele sibhukule khona. Abanye abadlali abekho esimeni esifuna ukuba babe kusona. Sinabanye abadlali abeninkinga yokulimala ngenxa yendlela ebesiziqeqesha ngayo ezinyangeni ezedlule.

“Nokho bakhona abadlali ababuyayo ekulimaleni njengoNtshangase (Phumlani), osehlale izinyanga engadlali. Sizosebenzisa lesi sikhathi ukugcina umgqigqo wethu yize umdlalo wethu olandelayo ungo-Ephreli 27,” kuphetha uMiddendorp.

Emdlalweni olandelayo iMaritzburg izobhekana neStellebosch FC ekuhambeni.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.