Kuvela izizathu ezenze iPolokwane yalufaka enkantolo elokuphucwa amaphuzu

Abadlali beSekhukhune
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Akukaveli ukuthi lihambe kanjani enkantolo udaba olufakwe yiPolokwane City ngemuva kokuphucwa amaphuzu qede anikwe iSekhukhune United. Lolu daba bekulindeleke lungene ezithebeni zenkantolo ephakeme yaseGauteng ngoLwesihlanu.

Imizamo yokuthola okwenzekile ayiphumelelanga. Nokho sesingakuzveza okufake iRise and Shine umdlandla wokuya enkantolo yize ukujikwa kwesinqumo kungeke kuyisize ngakutho yona.

ICity iqede endaweni ka-12 ngesizini edlule kwiGladAfrica Championship kanti noma ingabuyiselwa amaphuzu ayo, ngeke kujike lutho. Kodwa uma kwenzeka kuyihambela kahle, lokho kuzophuthisela iSekhukhune United ithuba lokudla isicoco salesi sigaba nokungena kwiDStv Premiership.

Ngokwamaphepha ewafake enkantolo, iPolokwane ilwela ukuvimba ukuba isinqumo sikamehluleli uHilton Epstein siguqulwe. U-Epstein wagixabeza iBabina Noko ngamaphuzu amathathu ngemuva kokuguqula isinqumo sekomidi eliqondisa izigwegwe kwiPSL.

“Lokhu kunokwenzelela phakathi njengoba
kubeka iSekhukhune ethubeni elingcono
kunamanye amaqembu”

Kungenxa yaso lesi sixakaxaka iPSL ingakwazanga ukunikezela ngendebe kowine lesi sigaba. Sekuyophela iviki iligi iphothuliwe kodwa namanje akwaziwa iwinwe yiliphi iqembi.

IRoyal AM yenza isiphihli somcimbi ibungaza ukuba ngompetha kanti neSekhukhune yenza okufanayo. Nokho kubukeka sekuncike esinqumweni esizophuma nenkantolo ngodaba olufakwe yiRise and Shine.

“IPolokwane isithathe izinyathelo ezisheshayo ukuphikisa ukunikwa kweSekhukhune amaphuzu. Into esifuna sijikelwe yona lesi sinqumo wukuthi asifuni sibe yisibonelo sendlela okumele ahlawuliswe ngayo amaqembu anamacala afana naleli.

“Lokhu kunokwenzelela phakathi njengoba kubeka iSekhukhune ethubeni elingcono kunamanye amaqembu. Ngokuwanika iSekhukhune amaphuzu engawasebenzelanga, kuyinika ithuba elingcono kunamanye amaqembu,” kuchaza la maphepha asenkantolo.

IPolokwane iphinde yaveza nesizathu esenza igcine ingenabo abadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka-23 eqenjini labo njengokwemithetho yePSL.

Umthethi wePSL uthi wonke amaqembu adlala kwiGladAfrica Championship kumele aqale umdlalo kukhona abadlali ababili abaneminyaka engaphansi kuka-23 eqenjini eliqala umdlalo. Kumele futhi kube nabathathu ebhentshini.

IPolokwane ithi yathola imiphumela yokuhlolelwa iCovid-19 sekusondele umdlalo kanti abadlali babo abathathu abaneminyaka engaphansi kuka-23 babethelelekile ngaleli gciwane.

“IPolokwane yathola imiphumela ngabo-7 kusihlwa ngoJanuwari 1 eyaveza ukuthi abadlali abathathu kwabayisikhimbisa abaneminyaka engaphansi kuka-23 eqenjini babenalo leli gciwane. Lokhu kwenza sasala nabane kuphela.

“IPSL kwakumele isicacisele ngokumele kwenzeke njengoba lokhu sayazisa ngakho,” kusho iPolikwane.
Email: Editor@impempe_com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.