AmaProteas kuwabhimbele eyiqala ngenduku eyeT20 eWest Indies

AmaProteas kuwabhimbele eyiqala ngenduku eyeT20 eWest Indies
URassie van der Dussen
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

AmaProteas akhale ngaphansi emdlalweni wokuqala weT20 esaywa yiWest Indies eGrenada National Cricket Stadium ngoMgqibelo ebusuku. Leli qembu lesizwe lekhilikithi lihlulwe ngamawikhethi ayisishagalombili kusasele amabhola angu-30 kuphele umdlalo.

Izitha zinqobe ithosi zaqoka ukushwiba kuqala. Leli qembu eliholwa uTemba Bavuma lishaye ama-runs angu-160 kusaphume abayisithupha.

URassie van der Dussen nguyena owenze into ebonakalayo eshaya ama-runs angu-56 emabholeni angu-38.

Ulekelelwe nguQuinton De Kock noTemba Bavuma abashaye ama-run angu-37 nangu-22 ngokulandelana.

Amawikhethi eWest Indies athathwe ngoJason Holder, othathe eyodwa, uDwayne Bravo noFabian Allen abathathe amabili kwathi enye yawela ku-Andre Russel.

INingizimu Afrika ihluleke yancama ukuvimba iWest Indies ekutheni ifinyelele kuma-runs angu-160. U-Andre Fletcher no-Evin Lewis, Chris Gayle no-Andre Russel babukise ngabashwibi beNingizimu Afrika beweza iWest Indies ngelibanzi.

FUNDA NALA: UZwane weChiefs uthi iWydad yazilimiaza ngokubabukela phansi

ULewis nguyena obebhokile njengoba eshaye ama-runs angu 71 emabholeni angu-35. UGayle noRussel baqede umdlalo bengazange bakhishwe.

Iwest Indies ihamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emihlanu yeT20.

Umdlalo wesibili ungeSonto ebusuku eGrenada National Cricket Stadium. AmaProteas azobe ebheke ukuvuka azithathe kulandela ukuqala ngegiya eliphansi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @Thaabisow | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.