Kuwashubele avika izembe njengoba enemidlalo enzima

Kuwashubele avika izembe njengoba enemidlalo enzima
UKgoloko Thobejane
OkaDonga Gumbi

Izinto zizoqansa kakhulu kwamanye amaqembu kulawo ivika izembe kwiDStv Premiership njengoba agase aduduleleke odakeni kakhulu kunakuqala.

Lamaqembu – okuyiMaritzburg United, Chippa United, Swallows FC, TS Galaxy neBaroka – anemidlalo enzima kule mpelasonto njengoba ebuyela enkundleni ngemuva kwekhefu lesikhashana.

IMaritzburg izozibona inethuba lokuqhela kulezi zindawo ezimbi ekuzo njengoba izogadulisana neSwallows abasesimweni esisodwa nayo.

Okuvuna iMaritzburg kulo mdlalo wukuthi yona izobe isekhaya njengoba uzodlalelwa eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo ngo-8.15 kusihlwa.

Uma ingawina kulo mdlalo iMaritzburg ingazithola seyivule ibanga lamaphuzu ayisikhombisa phakathi kwayo nendawo ka-15 yize lokhu kuncike kweminye imiphumela ukuthi ihamba kanjani.

ISwallows nayo izokulwela ukuwina kulo mdlalo kwazise iyalingana ngamaphuzu neTS Galaxy esendaweni ka-15.

IGalaxy nayo inomdlalo onzima njengoba izogadulisana neRoyal AM ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eMbombela Stadium.

FUNDA NALA: ISundowns ngeke iyenzele kube lulai-EL-Mereikh koweCaf

IChippa nayo kuzomele iwakhiphe wonke amangwevu njengoba izobhekana neKaizer Chiefs esazikhotha amanxeba kulandela ukushaywa kwayo yiGolden Arrows emdlalweni odlule.

Ngokwezibalo iChiefs isenalo ithuba lokudla isicoco yize lokho sekungaba yisimanga esingabatshazwa umhlaba wonke uma kungenzeka ngenxa yegebe esele ngalo kwiMamelodi Sundowns.

Uma ingazithola ikhala ngaphansi iChippa kulo mdlalo ingazithola seyisendaweni ka-15 uma lamaqembu angemuva kwawo ewinile.

IBaroka yona izodlala ngeSonto ngo-5 ntambama neCape Town City ekuhambeni nawo okuwumdlalo ongelula neze kwezikaKgoloko Thobejane.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.