Kuxabene ubendle kwezamankomane KwaZulu-Natal

Kuxabene ubendle kwezamankomane KwaZulu-Natal
UZandile Malinga obhekene nezinsolo zokungahambisi ngendlela
Alfred Ngubane

Kumapekwethwane ebuholini besibhakela KwaZulu-Natal, njengoba kuvela ukuthi kunoqhekeko kubaphathi bezamankomane kulesi sifundazwe.

Ngokuthola kweMpempe umona usuka esweni njengoba kukhona ubuholi obuthi ngeke baholwa ngumuntu wesimame bona.

Kukhona abanye abathi uZandile Malinga akaholi ngendlela kodwa ukhetha iphela emasini uma ngabe ehlela izimpi, ngoba kunomgomo othi kumele bathathe amabhokisa emajimini wonke aseKZN.

La majimi afana neThekwini Gym, Eyethu Gym, namanye kodwa akwenzeki njengoba kwakuvunyelwene.

“Unokulanda amabhokisa okuhamba kanti le mali yomnyango ngeyamabhokisa akulesi sifundazwe,” kusho umthombo weMpempe ocele ukungadalulwa.

Ebuzwa ngalokhu uMalinga, uzichithile lezi zinsolo, wathi uyazi ngala mahlebezi futhi uyazi ukuthi ngobani abawaqalile.

“Ngake ngakusho ukuthi isibhakela kulesi sifundazwe iKwaZulu-Natal sikhuphukile kakhulu njengoba siqhamuke nohlelo lokubuyiselwa kwithelevishini isibhakela kwiSABC.

“Ngenxa yalokho ngeke amabhokisa aseKZN alwe wodwa kodwa kumele azwane amandle namabhokisa aphuma kwezinye izifundazwe njengeGauteng ne-Eastern Cape.

“Kulokhu kokuthi angihambisani nemigomo ebhalwe phansi, ngamampunge nje epolitiki eshibhile lawo,” kusho uMalinga.

FUNDA NALA: Umqeqeshi omusha wePirates kuthiwa uzoyenza idlale njengeMan City

“Ngicela ukusho ukuthi le mbokodo engabahleli bezimpi yenza kahle kakhulu izimpi zabo azibi nezihibe, konke kuyaqonda.

“Kumanje silindele ezinye izimpi ezoba khona maduze. Isibhakela kulesi sifundazwe sinomlando omubi ngokuba nokuklwebhana kubaholi.

“Namanye amabhokisa agaxela ezindabeni zobuholi, angalandeli imigomo efanelekile. Kumanje amabhokisa amaningi awanazo izimpi kuthule, kugcina ngokutshelwa ngomlomo nje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.