Kuxoshwe owayedlala kwiBafana kwiSteenberg ngenxa yokugqoza kwemiphumela

UNasief Morris osanda kuchithwa yiSteenberg United abeyiqeqesha kwiGladAfrica Championship Isithombe: Twitter

OKADONGA GUMBI

Ukungenzi kahle kwamaqembu amabili aseKapa sekuholele ekutheni abaphathi bakhombe indlela abaqeqeshi – okukhona kubo noNasief Morris owayedlala kuBafana Bafana futhi owake wadlala kwiReal Madrid eSpain.

UMorris ubeqashwe yiSteenberg United ekuqaleni kwesizi kanti bekuwumawumsebenzi wakhe wokuqala engumqeqeshi, kodwa ukhonjwe indlela ngemuva kwemidlalo engu-11.

Ngaphansi kukaMorris, owayedlala emuva ngezikhathi zakhe, futhi owadlala emaqenjini ehlukene e-Europe, iSteenberg kufana nokuthi besicosha iphuzu elilodwa umdlalo ngamunye njengoba inangu-11.

Uma besizoqhubeka kanje, besizosinda ezembeni ngoba besizoqeda isizini sinamaphuzu angu-30, okuyinani eliyaye libeke iqembu endaweni ephephile. Kodwa cishe abaqashi bakhe bebebheke okungcono kunalokhu base beqoka ukuthi kumele ashenxe.

Ubengakamenyezelwa ozongena esikhaleni sakhe. Nomakhelwane beSteenberg, iCape Town All Stars nabo abanaye umqeqeshi kulandela ukuthi bekhombe indlela uDylan Deane, bethi uhlulekile ukusiza iqembu liwole amaphuzu. Naye ubesenemidlalo engu-11 kusukela aqashwa.

“Iqembu limemezele ukuthi selihlukene nobengumqeqeshi, uDylan Deane ngemuva kwemidlalo eminingi lithola imiphumela engagculisi. Siyambonga umqeqeshi ngokuzikhandla nokuzinikela kwakhe.

“Iqembu lisendaweni ka-13, lisilele emuva eqenjini eliphezulu ngamaphuzu ayisishiyagalombili,” besifundeka kanje isitatimende esibhalwe yi-All Stars kwiTwitter.

Imidlalo yangempelasonto
NgoMgqibelo: JDR Stars v Uthongathi; Jomo Cosmos; FS Stars v Cape United; Sekhukhune v University of Pretoria; Steenberg v Polokwane City; TS Sporting v Cape Town Spurs
NgeSonto: CT All Stars v Pretoria Callies; Richards Bay v Phondo Chiefs

Leave a Reply

Your email address will not be published.