Kuxwayiswa AmaZulu ngobungozi bokugcina uSithebe

Kuxwayiswa AmaZulu ngokugcina uSithebe okuhlakaza iqembu
Umqeqeshi waMaZulu uBenni McCarthy
OkaDonga Gumbi

AmaZulu FC kuzobe ayazilimaza uma engagcina uSiyethemba Sithebe osekuvele ukuthi usayine isivumelwano neKaizer Chiefs.

Lesi sivumelwano sithi uSithebe uzojoyina leli qembu laseNaturena uma inkontileka yakhe noSuthu iphela ngoJuni.

Lezi zindaba azehlanga kahle kwaboSuthu ikakhulukazi umengameli walo uSandile Zulu okubikwa ukuthi wathi ngeke esadlaliswa lo mdlali kuleli qembu lakhe.

Nokho umqeqeshi, uBenni McCarthy ukuvezile ngeviki elidlule ukuthi yena wazi kusengumdlali wakhe futhi ulindele aqhubeke alwele iqembu uma enikwa ithuba.

Lokhu sekubonakala kuzodala ukungezwani phakathi kwabaphathi nomqeqeshi njengoba sebevele benemibolo ephikisanayo ngesimo salo mdlali.

Ngokuthola kweMpempe, uSithebe kusangenzeka adedelwe aye kwiChiefs uma nje yona ingenza lokhu okufiswa aboSuthu.

“Kuzoba nzima nokho ngoba yize ngingazi ukuthi bafune malini kahle kahle, kodwa kubalelwe ko-R7-million.

“Alikho ke iqembu elingakhipha leyo mali ngomdlali sekusele izinyanga ezintathu nje kuphela ukuthi alijoyine mahhala,” kusho omunye osondelene neChiefs ngalolu daba.

Ngokombiko weKick-Off, Usuthu seluzwayisiswe ngobungozi bale ndaba kaSithebe uma ingaphethwa ngendlela efanele.

FUNDA NALA: Bayakhala abeBeach Soccer ngeligi yabo engaholeli

“Uyabona inkinga ilana manje, uma umqeqeshi uBenni enza okuphikisana nokushiwo abaphathi ngokuthi amdlalise lo mdlali kuzobugqilaza ubudlelwano babo.

“Kungagcina kukhona omiswayo emsebenzini nezinto nje ezinjalo,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“Ngakho okungcono manje okungalungisa isimo ukuthi bamdedele umdlali aye kwiChiefs ngoba awukwazi ukudlala ngengozi yokuhlukanisa iqembu phakathi ngenxa yomdlali oyedwa.

“Kuyimanje umoya muhle ekhempini futhi badlala kahle ikakhulukazi kwiChampions League. Into elula la wukuthi bamdayise manje nje lo mdlali,” kuqhuba lo mthombo.

Kucashunwe noZungu ethi yena izandla usazivulile ulinde ukuzwa ngeChiefs ukuthi yenza njani ngoba yena usekuvezile kuyo akufisayo.

Email: editor@impempe.com | Facebook: Impempe SA | Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.