Kuyabasabisa abaqeqeshi beSundowns ‘ukundiza’ kukaShalulile

UPeter Shalulile ejabulela igoli

OKADONGA GUMBI

Ukugxuma eqe amabhodi ezikhangiso sakundiza kukaPeter Shalulile ngemuva kokushaya igoli kubashayisa ngovalo abaqeqeshi beMamelodi Sundowns ngenxa yokuthi kungaphetha ngokuthi alimale ngelinye ilanga.

Kodwa uManqoba Mngqithi, ongomunye wabaqeqeshi kuleli qembu laseChloorkop, uthi ayikho into abangayenza ukumvimba lo mgadli waseNamibia kule ndlela yakhe yokujabulela igoli.

“Kunganzima ukukulawula lokhu kujabulela kwakhe igoli ngoba asazi kusuke kwenzekani kuye ngaphakathi uma eqeda kushaya igoli,” usho kanje uMngqithi ebuzwa ngakho ngemuva komdlalo wabo neStellennlbosch FC ngoMgqibelo emini.

ISundowns ibuye kade seyilandela ngemuva kulo mdlalo yagcina iwine ngo 2-1 kanti uSha-Sha, okuyigama lesidlaliso uShalulule afike walithola kwiBrazilians, nguyena oshaye elesibili eliqinisekise amaphuzu amathathu.

Ube esenza lo mkhuba wakhe ‘wokunduza’ obashayisa ngovalo oluncane abaqeqeshi uma esewenza.

“Ukuba siyazikhethela, besingancamela enye indlela engcono kunale. Kodwa uma eqhubeka nokuqhulula amagoli bese ejabuka kanjena, mina anginankinga.

“Mhlawumbe ngokhathazeka mhla ngibona ukuthi kuzomdalela izinkinga (zokulimala), okwamanje usadlale cishe yonke imidlalo yethu futhi akakaze alimale.

“Ungumdlali ohlezi elilwela iqembu, isosha loqobo nomdlali owuhloniphayo umsebenzi wakhe. Nginesiqiniseko noma yimuphi umqeqeshi engakujabulela ukuba nomdlali onjengaye eqenjini lakhe,” kuqhuba uMngqithi.

Bekuyigoli lesishiyagalombili likaShalulile kwiDStv Premiership kanti uma kuya ngenkulumo kaMngqithi, asemaningi ezayo.

“Into engalibgayiqinisekisa ukuthi angikaze ngambona umdlali ofithi njengoPeter uma ubheka ukweluleka komzimba namandla.

“Uma ewile, ushesha avuke ngendlela emangalisayo. Kunegoli alishaya kwi(Black) Leopards elasenza sasala sizibuza ukuthi kwenzeka kanjani umgadli awe ngemuva kokudlaliswa kabi kodwa avuke kuqala kunesitobha ebesimwisile qede ayoshaya igoli,” kubabaza uMngqithi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *