KUYAKHANYA: IPhantane ithole uxhaso oluzoyisiza ukusimama

ULale Cele, Mdu Khumalo nenkosi uSifiso Ngcobo
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Alfred Ngubane

Wethulwe umthwalo emahlombe uMdu Khumalo oyimenenja kwiPhantane Athletics Club ngesikhathi bekikelelwa ngemali nangezinsiza ngabakwaHollywoodbets ngoLwesine. IPhantane – okuyinhlangano yabasubathi egxile kakhulu ekunikezeni abagijimi basemakhaya ithuba – ithole uR75 000 yaphinde yakhelwa negumbi elinemishini yokuzivocavoca.

Konke lokhu kwenzeke eNdwedwe, okuyindawo esemakhaya. UKhumalo uthe ukuzinza kwabo eNdwendwe kungenxa yocwaningo olubavezele ukuthi yiyo le indela amazwe afana neKenya ne-Ethiopia enza ngayo.

“EKenya nase-Ethiopia bagcxile kakhulu kubasubathi basezindaweni zasemakhaya, yingakho nje bebusa emijahweni yamabanga amade. Nathi sifuna ukukhipha abagijimi abazogcina bebusa imijaho umhlaba wonke,” kusho uKhumalo.

Obemele iHollywoodbets, uLale Cele, uthe bona bavule izandla kulabo abafikayo kubo bazongqongqoza bacele usizo. Uthe kuyabajabulisa ukusiza izinhlangano ezifana nePhantane ngoba zisiza labo abasezindaweni ezingenazo izinsiza eziningi.

Inkosi yendawo, uSifiso Ngcobo naye ubonge wanconcoza ngalokhu akubona kuzosiza kakhulu endaweni yakhe. Uthe le nhlangano izogqugquzela futhi inike ithemba kubantwana abasakhula ukuthi kukhona abangakuzuza.

“Sinobudlelwano obuhle nePhantane ngoba yafika kithi ngenhlonipho. Nginethemba impela ukuthi lokhu okwenzekayo yisiqali sezinto ezinhle. Kuzozishintsha kakhulu uzumpilo zabantwana abasebancane ngoba bazoba nento ephusile abangayenza,” kusho uNgcobo.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.